I-IFP ithi ibheke ukuthi ikhansela layo eliqokelwe kwesobumeya kuMasipala waseNdumeni, uMnuz Mcebo Mkhize (26), lidale amathuba amasha azothuthukisa abantu abakhele lo mkhandlu.
Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe bamethembile uMkhize ukuthi uzokwazi ukuyilawula ngendlela inqola aqokelwe ukuba ayishayele.
UMkhize uqokwe emhlanganweni womkhandlu obungoLwesibili.
UHlengwa uthe bafuna ukubona umkhandlu ukhula ebuholini bukaMkhize.
“Kusijabulisile ukubona uMkhize eqokelwa esikhundleni sokuphatha umkhandlu. Sijahe ukubona eshayela le nqoba, ethatha umkhandlu ewubeka endaweni engcono kunalena okuyona.”
UHlengwa uchaze uMkhize njengomholi ozimisele ngomsebenzi.
“Simfisela inhlanhla njengoba eqala umsebenzi wakhe. Sinethemba lokuthi amagalelo akhe azokhulisa umkhandlu adale namathuba amasha azothuthukisa umkhandlu.
“Sifisa ukuthi ubuholi bakhe budale ushintsho empilweni yabantu buphinde buthuthukise impilo yabantu. Sifisa ukuthi asebenze ngokuzikhandla, ngobuhlakani, aphinde abeke phambili izidingo zabantu baseNdumeni.”
UMkhize uphekwe enhlanganweni yabafundi edlelana ne-IFP, iSadesmo, uke wasebenza ehhovisi lentsha kuMasipala wesifunda uMzinyathi.
Ukuqokwa kwakhe ukuba abe imeya yalo masipala okhungethwe izinkinga ezifana nesikweletu esikhulu umkhandlu osikweleta i-Eskom, kugxekwe amaqembu aphikisayo.
I-ANC ne-ABC bathe bekufanele kuqokwe umuntu onesipiliyoni ukuba aphathe isikhundla, bakhala ngokuthi kuzomthatha isikhathi uMkhize ukuba afunde umsebenzi.
Kepha uHlengwa uthe ukuqokwa kukaMkhize ukuba aphathe kukhombisa ukuthi i-IFP imuthembe kangakanani.
Umhlangano owawubizelwe ukuzoqoka imeya ngeledlule wabhuntsha emva kokuthi kubikwe ukuthi kunebhomu emahhovisi omkhandlu.
Izinja zamaphoyisa ezabizwa ukuba zizobheka ibhomu azizange zithole lutho.
UMkhize ungena esikhaleni esivuleke emva kokwesula kukaMnuz Siyabonga Ndlovu, owesule ngenyanga edlule emva kokuthi iqembu elibambisene ne-IFP kumasipala, iDA, lifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
Ngalo uLwesibili, uNdlovu, ufungiswe njengekhansela kuMasipala wesifunda uMzinyathi.