KUNINGI osekushiwo ngobubi bokukipita. Ungoti uthi iningi labakipitayo ligcina lingashadile, lixabana kubangwa nokuthi abathandanayo badidekile.
Owesifazane ugcina engazazi noma uyinkosikazi endodeni akipite nayo, nowesilisa engazazi ukuthi ungumyeni noma isoka kwakipite naye.
Kukubi kunjalo, ungoti wezamasiko uthi kukhona okuhlale kweqiwa uma kukhulunywa ngomkhuba abathi mubi wokukipita.
Uthi izithandani ezikipita zizale izingane zize zikhule kulowo mnyama, zibanga ezinkulu izinkinga.
“Nihleli ndawonye nakha umndeni nomuzi kodwa anihlangene ngokwezibongo. Nihleli nikhulisa izingane ekubeni nibiza izibongo ezihlukene.
“Namadlozi enu awaqondi ukuthi niyisima kanjani,” kusho uDkt Nomagugu Ngobese ungoti kwezamasiko.
Uthi iningi lezingane ezikhula emkipitweni zigcina zingenzelwanga izimfanelo zesiko ezifana nembeleko nokunye.
“Yonke leyo nto igcina iphithanisa izinto. Kuba nzima kakhulu ke uma kwenzeka kuba khona odlulayo emhlabeni kulabo bazali abakipite iminyaka baze bazala inqwaba yezingane,” kusho ungoti.
Uthi ilula le nto, abathandanayo uma sebebonile ukuthi bayathandana futhi bathanda ukuchitha isikhathi ndawonye, mabashade.
“Inkinga wukuthi abantu kulezi zinsuku basuke bafune ukwenza zonke izinto ezingenamsebenzi ezigcina zingenamthelela esikweni nasendleleni okumele kwenziwe ngayo ngokwesintu”.
Ukholwa wukuthi uma abathandanayo bangaqondana ngqo nelobolo nokushada ngokwesintu, bayeke ubukhazikhazi bemishado emhlophe nezingxenye okuthiwa ezokulobola ezingenamsebenzi esikweni, singancipha isibalo sezingane ezigcina zingazazi ukuthi ziyiliphi, ezingazi nokuthi uma zikhomba emakubo zizothi izibongo zakhona kukwabani.
UDkt Ngobese ukhuze nomkhuba walabo okuthi ngoba sebeziqalile izinhlelo zokulobolana, bavele bakhethe ukukipita.
Nalabo abashade umshado omhlophe kodwa bengachanguzanga ngokwesintu, uthi noma bangagqoka amaringi abiza kangakanani, kodwa nabo bafana nse nabantu abakipitile.
“Uma ungakaze ukhishwe ngenyongo kubikelwe idlozi ukuthi usuyogana, kusho ukuthi awushadile. Abantu abayeke ukuholwa yinkanuko. Yinkanuko phela eyenza abantu abaningi baze bahlale ndawonye bengashadile.
“Abesifazane nabo abake basukume bawuqede lo mkhuba. Uma kungaqina ngakubona, izinto zingaba ngcono."
Uthi abathandanayo abayeke ukuzicabangela bona, abacabangele izingane.
Ephetha uthe abazali abangakwazanga ukwenza lolu hlobo lomshado wesintu, abasilungise lesi simo kungakonakali.