UFUNA ukuthi iziqu zakhe zimkhulumele kungathiwa uqashwe emsebenzini ngoba eyiqabane uNobhala wenyunyana yothisha KwaZulu-Natal othweswe iziqu namuhla emuva kokuthweswa iqhuzu ngeledlule.
UNksz Nomarashiya Caluza uzothweswa iziqu zeHonours kwi-Education Management Law and Policy eNorth West University. NgoLwesine uthole iPost Graduate Diplopma kwi-Industrial Relations e-UKZN athe izomsiza kakhulu ekuholeni inyunyana. Kokubili (iqhuzu neziqu) ubekwenza ngeposi iminyaka emibili.
Iziqu athweswa zona namuhla kwakumele azithole ngonyaka odlule kodwa wafeyila isifundo esisodwa ngenxa yokuxakwa wumsebenzi wenyunyana.
“Ngabhala isifundo ebengisifeyilile ngo-Okthoba, kwadingeka ukuthi ngithweswe iziqu kulo nyaka. Nakhu-ke sekulandelana ngoba bese ngiqede nalezi ze-Industrial Relations.”
Uthe yize abanye bemangala ukuthi uzicaza kanjani enomsebenzi ongaka, uthe kuyenzeka uma uzinika isikhathi. Usizwe wukuthi wazijwayeza ukufunda kangangokuthi abufiki ubuthongo engayibhekanga incwadi. Emahhovisi eSadtu uqala umsebenzi ngo-6.30 ekuseni bese eyasala enze umsebenzi wesikole. Uthe iqhuzu le-Industrial Relations libaluleke kakhulu ngoba usengaba ngisho uKhomishana weCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration.
“Uma ungumholi kumele uyazi imithetho futhi uhambisane nesikhathi. Ngifuna iziqu zami kube yizo ezingukhulumelayo, kungathiwa ngiqashwa ngoba ngiyiqabane,” kusho uNksz Caluza.
Uthe ulindele ukuthi athweswe iziqu seMaster’s kwi-Education e-University of KwaZulu-Natal ngo-2021 ngoba akamile ukufunda. Nalapho uyobe engaqedile ngoba ufisa ngelinye ilanga abizwe ngoDkt Caluza uma esenze iPhD.
UNksz Caluza uke wamangalelwa yiSouth African Liberating Public Service Union imsola ngokukokotela iziqu ukuze athole umsebenzi wobuthisha. Ukuzikhandla ngokufunda akuhlangene nalezi zinsolo kodwa ufuna ukuzithuthukisa.
Uthe izinsolo ziqhamuke esevele eseneziqu ze-Advanced Certificate kwi-Education ngo-2015. Yize ethe maningi amathuba omsebenzi asengavela emuva kweqhuzu neziqu asanda kuzizuza kodwa usakuthokozela ukuhola iSadtu.
Uthe bekunzima ukufunda ngenxa yokuthi unengane eneminyaka emibili nezinye izikhundla ezinhlakeni ezehlukene. UnguMgcinimafa weSACP KwaZulu-Natal, abe yilungu lesigungu seCosatu noSihlalo woMkhandlu Ongoye.