UMNDENI woMntwana waKwaPhindangene, inkosi Mangosuthu Buthelezi, usuzwakalise ukudabuka ngokudlula emhlabeni kukaMfu Erlo Hartwig Stegen (88) webandla iKwaSizabantu Mission, eKranskop.
UStegen obedume ngelikaStekeni, ushone esekhaya ngoLwesibili emva kokugula isikhathi eside.
Indodana kaButhelezi, uMntwana Zuzifa Buthelezi, ithe kubazwise ubuhlungu ukuthi uStegen noyise bashone ngokulandelana. Wathi ubuhlungu ababuzwayo ungathi nabo bashonelwe.
Uthe uStegen ushona nje ubekade eyombona ngoMgqibelo emva kokuthi umndeni wakhe ubabikele ukuthi ugula kakhulu.
“Ngithe uma ngifika kuye, ngafike ngakhuluma naye, ngimtshela ukuthi ngisenalo ithemba lokuthi usazolulama. Ngimtshelile nokuthi ngiyazi ukuthi ukuza kwami ngizombona yinto ubaba abezoyijabulela ukuthi ngiyenze,” kusho uMntwana Zuzifa.
Uqhube wathi lokhu ukwenze nakuba uStegen ebengasaboni futhi engasakwazi ukukhuluma.
“Ngoba siye sizwe kuthiwa ngisho umuntu esegula kakhulu engasaboni futhi engakhulumi kodwa indlebe yona isuke izwa,” kusho uMntwana Zuzifa.
Echaza ngobudlelwane bukayise noStegen uthe bebubukhulu ngendlela emangalisayo, ungafunga ukuthi bebehlobene.
“Ubaba nomfundisi bekungathi yizelamani. Kusuka kudala ubudlelwano babo bebulokhu bukhule njalo,” kusho yena.
Uveze ukuthi bekungubudlelwane beminyaka njengoba baqala ukuba ngabangani bona besayizingane.
Uveze ukuthi into ebiqinisa ubudlelwane babo wukuthi bobabili wukuthi bebemthanda uNkulunkulu futhi kusezinhliziyweni zabo ukusebenzela umphakathi.
Uthe lokhu kufakazelwe amathuba omsebenzi awadalele abantu uStegen.
Uthe lokhu kuholele ekutheni wonke amalungu ale mindeni asondelane kakhulu ngoba bebenomuzwa wokuthi bayizingane zandawonye.
“Ngesikhathi sehlelwe yifu elimnyama lapha ekhaya ngobaba, umndeni wakwaStegen usisingathe kusuka ekuqaleni kwaze kwafika ekugcineni. Bebenathi ekhaya, basilethela nezindathane zeziphuzo ze-Aquelle,” kusho yena.
Eminyakeni edlule kuke kwavela izinsolo zokuhlukunyezwa kwabantu KwaSizabantu Mission. Lokhu kwaze kwaholela ekutheni udaba lungenelelwe yiKhomishini eLwela amaLungelo abantu.
Le Khomishini yagcina iphuma nezincomo zokuthi kube khona ukubuyisana phakathi kwebandla nalabo abahlukumezeka kulo.
Ngokwesitatimende esikhishwe yiyo imishini, usuku lomngcwabo luzomenyezelwa uma sekwenziwe kahle zonke izinhlelo.