PHUMLILE NTSELE
Ebika eseGcilima, eMargate
UKUSHIYA umsebenzi kukaMnuz Sandile Ntombela ngenhloso yokunakekela unkosikazi wakhe obekade ehlaselwe yisifo esingandile e-Afrika yonkana esaziwa nge-elephantiasis kulethele umndeni wakhe inhlanhla.
Isolezwe libike ngodaba lukaNkk Ntombela obekade evuvukalelwe wumlenze kangangoba isisindo sawo bese sishaya u-70kg uwodwa nobesekumenze wafana nomuntu okhubazekile iminyaka emihlanu yonke.
Umndeni wakwaNtombela awuzange ukholwe ngesikhathi emzini wawo omncane kutheleka uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi eKZN uDkt Meshack Radebe nethimba lohlelo lwethelevishini olwaqala ukubika ngosizi lwawo i- 3rd Degree.
UNgqongqoshe ufike kulo mndeni nosonkontileka kwasuka uthuli njengoba bephendule isoyi lokwakhiwa komuzi wabuye watshela uMnuz Ntombela ukuthi izimenenja ehhovisi lakhe zihlela amaphepha okumqasha ngokugcwele maduze nje.
“Ngimethulela isigqoko ubaba waleli khaya ngokuma nonkosikazi wakhe esikhathini esinzima sokugula ngale ndlela kwakhe. Ngesikhathi ngibona okukuqala udaba lwabo ngathinteka kakhulu,”usho kanje.
Kube wumzuzu omnandi nongasoze uphele ezingqondweni zabomndeni kanye nomakhelwane ngesikhathi uNkk Ntombela “ecathula” eqonda esidlangalaleni edlulisa ukubonga kwakhe emphakathini nasethimbeni likaNgqongqoshe namaphoyisa aseMargate ngokubambisana nabo ngokwazisa ngosizi lwawo.
“Angazi ngingabonga ngithini ngokwenzeke kimina nasemndenini wami. UNkulunkulu mkhulu ngempela,” usho kanje nezinyembezi zenjabulo.
URadebe uqhube wathi osonhlalakahle bazophuthuma lo mndeni ngosizo lwemali yesibonelelo olubizwa nge-social relief of distress grant oluwu-R1 000 umuntu ngamunye njengoba bengamalungu amathathu kubalwa nendodakazi uZama Ntombela (16).
Ubuye wadalula abaxhasi abangosomabhizinisi asebezibophezele ukuxhasa nganoma yini umndeni ozoyidinga kulesi sikhathi.
Usomabhizinisi uMnuz Craig Hugo unikele ngo-R10 000 ozosiza ukuthenga ifenisha ezofakwa emzini omusha.
UNgqongqoshe ubuye wathembisa umndeni ngokuwuxhasa ngemoto ezowusiza uma kunesidingo esikhona.
UNtombela uthe konke okwenzekile bekuyicebo loMdali.
“Ngesikhathi ngishiya phansi umsebenzi ngoba ngifuna ukunika uthando umkami ngangingazi nokuthi sizolala sidleni njengoba kuyimi engingenisa ukudla kodwa ngakwenza,” kusho uNtombela.
Uthe konke sekufana nomlando manje njengoba impilo yabo seyishintshe kakhulu futhi sebethokozile.