PHEZU kokuba abantu beyiduba i-ANC ngokungayivoteli kodwa amaqembu amancane ayahluleka ukuthola amavoti alabo abangalivoteli leli qembu.
Lokhu kuvele esithangamini ebesihlelwe yikhomishini eyengamele ukhetho kuleli iElectoral Commission of South Africa (IEC) neHuman Sciences Research Council (HSRC) eSandton izolo.
Kulesi sithangami kuvele ukuthi intsha ayiphumi ukuyovota.
UDkt Collette Schulz-Herzenberg wenyuvesi iStellenbosch, uthe ukwehla kwabantu abavotayo akwenzeki kuphela kuleli kodwa nakwamanye amazwe.
Uthe abantu abafuni ukuyovota ngoba bedinwe yiqembu elibusayo kodwa futhi abaliboni elinye iqembu abangalivotela.
“I-ANC yehlelwa ukwesekwa ngabantu, lokho bakuveza ngokuthi bangayivoteli. Yize kunjalo kodwa abavoteli amanye amaqembu. Abantu ababoni amanye amaqembu engabanelisa yingakho kumele kube namaqembu aphikisayo azoba namandla.”
Uthe i-ANC yenza kahle ezintweni ezithinta ukuhlinzekwa ngezindlu, amanzi nogesi.
“Yingakho uma lingekho elinye iqembu elizodlisela ogageni amanye, abantu bazihlalela ekhaya bangayi ukuyovota. Akuyona inkinga ye-IEC ukuthi abantu abayi kovota.”
NoSolwazi Mcebisi Ndletyana wenyuvesi yaseJohannesburg, uvumelene noDkt Schulz-Herzenberg, ukuthi abantu abaliboni elinye iqembu abangalivotela.
Uthe amaqembu amaningi awaziwa ukuthi amele miphi imigomo nezinto angazenzela abantu uma ewina ukhetho.
“Kuneqembu i-ATM elihlale lifuna kubhungwe indaba yokungabuthembi ubuholi bukamengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ngodaba lokutholakala kwemali engamaDola epulazini lakhe iPhala Phala. Ngaphandle kwalokhu akukho okunye esikwaziyo ngaleli qembu nokuthi limeleni. Abantu yingakho bengayi kovota ngoba babona ukuthi alikho elinye iqembu abangalivotela.”
Uthe kuyehla ukuvotelwa kwamaqembu kuleli wathi intsha iyona okumele igqugquzelwe ukuthi ivote ngoba iyona eningi.
UDkt Benjamin Roberts weHSRC, uthe intsha njengoba ingavoti ibona ukuthi vele ivoti layo ngeke libe namthelela nazwi.
Uthe kubalulekile ukuthi abantu bavote ukuze bakwazi ukugxilisa intando yeningi.
“Abantu baduba ukuvota ngoba bebona ukuthi awukho umehluko ozokwenzeka.”
Ezinye zezikhulumi zizwakalise ukungabathembi abangenela ukhetho ngokuzimela ngoba abanye babo basuke bechithwe emaqenjini abo.
Zithe abanye babo bangenela ukhetho kanye bese bebheka amaqembu abazongena kuwona ngoba bengathembi ukuthi ngokhetho olulandelayo bazobuya.