Ufunge wagomela uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, wathi amaphoyisa ngeke ahlale asonge izandla, abukele abafana abancane abayizigebengu behlukumeza abantu emiphakathini.
ULieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe uma kunesidingo sebengamane banikele nangempilo yabo ukuze kuvikelwe imiphakathi.
Usho kanje engxoxweni abe nayo neziko lezindaba iNewzroom Afrika.
UMkhwanazi uthe laba bafana abagcwelezayo bathola uxhaso lwemali nezinye izinsiza kwizimpunyela ezingosomabhizinisi.
“Ngeke sivumele ukuthi kube nesimo lapho laba bafana besabisa abantu nosomabhizinisi emiphakathini, badale udungunyane esifundazweni. Uma kunesidingo sokuthi sinikele ngempilo yethu ukuze sivikele izakhamuzi, sizokwenza lokho,” kusho uMkhwanazi.
Uqhube wathi amaphoyisa awulandela njengoba unjalo umthetho uma esebenza futhi bahlonipha wonke umuntu.
Uveze nokuthi izigebengu ezikhaliphile, zivele zicele umaluju uma sezibhekene namaphoyisa.
“Lezo (zigebengu) ezizibona ukuthi zinesibindi futhi ziqeqeshiwe, sihlangana nazo empini,” kusho uMkhwanazi.
Uveze ukuthi kunamaphoyisa alimalayo amanye abulewe enza umsebenzi wawo wokuvikela izakhamuzi.
Ube eseluleka izakhamuzi ukuthi zingakuvumeli ukudukiswa abaholi bazo, ngokuthi benze izinto ezingezinhle ngesikhathi bona behleli emizini yabo benethezekile bedla u-popcorn.
UMkhwanazi uthe abantu bakulesi sifundazwe kufuze ukube bafunde lukhulu ngezibhelu ezenzeka ngo-2021.
Udalule nokuthi bayazibona izinto ezishowoyo nezinye eziphanyekwa ezinkundleni zokuxhumana ngabathile abasophe ukugovuza umphakathi ukuba ungene emigwaqweni ngabakushoyo.
“Abanye balaba bantu ngosopolitiki abadumile abangekho nasesifundazweni (KZN) abathi uma abantu baseKZN beziphatha ngendlela ethile, akumele bagxekwe,” kusho uMkhwanazi.