AKHALA ngesibhaxu samaphoyisa amaphara ahlala emigwaqweni esenkabeni yedolobha iTheku njengoba kuvalwe izwe thaqa.
Amaphara athe nsukuzaphuma uma ehlangana namaphoyisa awabuzi lutho avele avulele isibhaxu.
Athe azibona engabalulekile futhi ekhishwa inyumbazane ngakubize ngokunyathelwa kwamalungelo awo ngokuthi alokhu ethelwa induku.
Iningi lawo lithe lisuka ezindaweni ezikude lize eThekwini lizofuna “amatoho” kodwa isimo sinzima manje ngoba abantu bengezi edolobheni.
UMnuz Mfanafuthi Shude waseMlaza, uthe njengoba behlala emgwaqweni, banovalo lokuthi bangase bangenwe wubhubhane iCoronavirus ngoba azikho izinhlelo zokubavikela ezibekwe uhulumeni.
“Isingamane isibulale iCorona kunokuthi sishaywe amaphoyisa esixhaphaza ngale ndlela. Sibhonywa nangabasebenzi bakamasipala bathi asisuke emigwaqweni. Sikhethe ukubuyela emigodini yethu ngoba amatendeni ebesenzelwe wona sidla kanye, kuyabanda futhi sizizwa singavikelekile,” kusho uShude.
UShude uthe abakwazi ukuphanta, abayitholi imithi yokubelapha ngoba abanye bafela emigodini abahlala kuyo futhi badinga ukwelulekwa ngokomqondo.
“Inkinga siyabhema (iwunga). Awukwazi ukusivalela ndawonye singalaphekile. Amaphoyisa asikhipha ngenduku emigodini esihlala kuyo,” kubalisa uShude.
UMnuz Sicelo Ngcobo waseJolivet kodwa ohlala emigwaqweni eThekwini, uthe bacela ukudla, imithi yokubalumula kwiwunga nendawo yokuhlala.
“Sizuliswa yindlala nokuqaleka edolobheni. Sishayelwa ukucela emigwaqweni. Asikwazi nokudayisa amathini esiwaqoqayo ngoba kuvaliwe e-scrapyard,” kusho Ngcobo.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Bheki Cele, ngesikhathi ehambele eSecunda, eMpumalanga, izolo uncome umsebenzi omuhle owenziwa amaphoyisa kuze kube manje.
UCele uthe akukhathaleki ukuthi uwubani uma ungawulandeli umthetho wokuvalwa kwezwe uzoboshwa.
Mayelana nokuhlukunyezwa kwabantu ngamaphoyisa uthe uphiko olubhekele amacala athinta amaphoyisa i-Ipid ne-Ombudsman emasosheni kukhona ukubhekana nezikhalo zomphakathi.
“Awudingi uze utshelwe yiphoyisa ukuthi buyela endlini. Kuhle ukulandela umthetho njengoba unjalo. Kumele kube nesizathu esizwakalayo esenza uphume phandle njengokuya kwadokotela nasezitolo. Akusizi ukugxeka amaphoyisa uma umuntu engawulandeli umthetho. Sisenethuba lokuvimba iCorona, sinciphise isibalo sabagulayo nabafayo,” kusho uCele.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe akuthintwe uphiko lwamaphoyisa omkhandlu, lona oluzihlangulile lwathi kuphawula amaphoyisa kazwelonke ngezinto ezithinta ukusebenza kwamaphoyisa ngesikhathi sokuvalwa kwezwe.
Ngeledlule umasipala weTheku uthe utholele izindawo zokuhlala zesikhashana ezingu-11 abahlala emgwaqweni abangaphezu kuka-2 000 ngesikhathi sokuvalwa kwezwe thaqa.
Lo mkhandlu uthe uzobahlinzeka ngokudla kathathu ngosuku futhi bazonakekelwa nangokwezempilo.