Uthe akulona ihlaya ukuthi uhulumeni waseGauteng uzimisele ngokulwa nobugebengu ngazo zonke izindlela.
“Sesikulungele ukuthi abasebenzi bathole ukuqeqeshwa abeSANDF ukuze abavikeli batholwa ulwazi olunzulu ekuvikeleni umphakathi,” kushp uPanyaza.
Kuvela ukuthi akuwona wodwa umbutho ozoqeqesha laba basebenzi, kodwa namaphoyisa omgwaqo ezingeni likamasipala,iMetropolitan Police yaseGoli naseTshwane.
Lolu phiko luthole okukhulu ukugxekwa phambili, kuthiwa aluqeqeshiwe ngendlela efanele lo msebenzi.