Nonkululeko Nhlapo
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa wethule inkulumo ayibhekise ezweni mayelana nenhlekelele eyenzeke KwaZulu-Natal, kusukela ngesonto eledlule.
Uthe ngokwemibiko ayitholile ngesikhathi ehambele lesi sifundazwe, izindawo ezikhahlamezeke kakhulu yiTheku, KwaDukuza, Mgungundlovu, Ugu neKing Cetshwayo. Babelelwa ku-48 abantu abangakatholakali kanti babalelwa ku-443 abashonile.
“Zingu-4 000 izindlu ezibhidlikile, zibalelwa ku-8 000 ezibhodloke kancane kanti bangu-40 000 abantu abasale dengwane,” kusho yena.
Uqhubeke wathi mkhulu umonakalo nakwingqalasizinda kahulumeni okubalwa kuyo izikole, izinkantolo, imitholampilo. Baningi abafundi ababhubhile kanti kuthiwa kunothisha ophangalele ngenxa yalokhu.
Uthe ukuze uhulumeni aqinisekise ukusebenza ngokushesha ukusiza abantu, lesi simo sithathwe njengenhlekelele okumele isingathwe wuhulumeni kazwelonke ngoba umthamo womsebenzi nezidingo mkhulu kakhulu ukuthi kungaphathwa yisifundazwe.
“IKhabhinethi ihlangene ngeSonto, yavumelana ngokuthi kuzoshicilelwa umbiko oqinisekisa le nhlekelele njengekazwelonke.”
Kuzosetshenzwa ngokwezigaba ezintathu; ukutholela abantu usizo ezindaweni ezikhahlamezekile, ukutholela abantu izindawo zesikhashana zokukhosela nokutholela abantu izindawo ezifanelekile neziphephile lapho bazokwakhelwa.
Uthi kuzosetshenziswa isikhwama seSolidarity Fund okuyiyona ebisetshenziswa ngesikhathi seCovid-19. UMnyango wezeziMali uzofaka kuyo imali ezosetshenziselwa utakula abakhahlamezekile.
Uthe bafunda isifundo ngemali yeCovid-19, ngaleyo ndlela kuzoqashwa ngelokhozi ukusebenza kwemali, kubalwe kube kusetshenzwa, hhayi indaba yokubala imali isibhubhudliwe.
We were deeply saddened to learn about the death over the weekend of a police diver, Sergeant Busisiswe Mjwara, who died while conducting a search for victims in the Msunduzi River.
— Cyril Ramaphosa 🇿![CDATA[]]>🇦 (@CyrilRamaphosa) April 18, 2022
https://t.co/Tta75bAWX5