AMAGATSHA angaphansi kwesifunda uMgungundlovu akhala ngokushaywa indiva yithimba lesikhashana elihola i-ANC esifundeni iMoses Mabhida nobuholi bale nhlangano esifundazweni. Amagatsha angaphansi kwalesi sifunda abemasha eMgungundlovu, ngoLwesihlanu
Encwadini yezikhalo ebhekiswe esigungwini esiphezulu sale nhlangano kuzwelonke, kuvela ukuthi ukwehlelwa kokwesekwa ngabavoti kwe-ANC, okubonakele okhethweni lohulumeni basemakhaya olwedlule, phakathi kokunye kungenxa yokufunzwa kwamagatsha ngamakhansela ayengawaphakamisanga, okwenzeka ngaphambi kokhetho.
UMnuz Vincent Myeni, obefunda incwadi yezikhalo uthe bathathe isinqumo sokuthi bakhale esigungwini esiphezulu senhlangano emva kokuthi sebelandele yonke imigudu yangaphakathi, kubalwa nokuzama ukunxenxa ithimba lobuholi lesikhashana esifundeni nobuholi esifundazweni, ukuthi bangenele, kodwa akukho okwenziwayo ukulungisa amaphutha enzekile.
“Kuqaphelekile ukuthi kube nokwehla kwezibalo zamavoti ekusekweni kwe-ANC okhethweni olwedlule esifundeni sethu. Sikholwa wukuthi okunye okudale lokhu yilokhu esikubalula kule ncwadi yezikhalo. Nakuba okwethu kuwuqinisekisa ukuvikeleka kwesithunzi senhlangano yethu, kodwa siyakholwa wukuthi silandele yonke imigudu yangaphakathi, ngebhadi ukukhala kwethu akuzwakali,” kusho uMyeni.
Ngaphandle kokukhala ngokufunzwa ngamakhansela, kubuye kuvele ukuthi uhlu lwamakhansela olwahanjiswa alubhalansile njengoba abantu abasha bengamelekile njengokulawula komgomo wenhlangano ovuna ukuthi okungenani u- 25% wabakhethiwe kube yintsha.
“Sikholwa wukuthi amagama ahanjiswa akusiwona ayephakanyiswe ngamagatsha, kodwa ithimba lesikhashana lobuholi be-ANC esifundeni lenza ngendlela yalo ukufeza izinhloso zoqhekeko enhlanganweni, okumelene nentando yabantu. Ubufakazi balokhu wudaba lokufunzwa ngowayengenele esobukhansela ewadini okwavezwa, kodwa kuze kube manje akukho okwenziwe,” kusho uMyeni.
Uthe bayakuqonda ukuthi ukhetho lube khona ngesikhathi esinzima kuleli kodwa nakuba kunjalo, lokho akuchazi ukuthi sekumele kubukelwe phansi eminye imigomo ebalulekile yenhlangano.
Banikeze isigungu esephezulu se-ANC izinsuku ezintathu ukuxazulula izinselelo. Bathi bazoqhubeka nokulwela abantu ngokuqinisekisa ukuthi banikezwa abaholi ababakhathalele.
Babuye bathi bafuna kuhlakazwe ithimba lesikhashana elihola i-ANC kulesi sifunda, futhi kulungiswe ohlwini lwamakhansela, lube ngendlela efiswa ngamagatsha.
Incwadi yezikhalo yemukelwe nguMnuz Mzimkhulu Thebolla oyilungu lethimba lesikhashana lobuholi be-ANC esifundeni iMoses Mabhida. Kulindeleke ukuthi idluliselwe esigungwini esiphezulu sobuholi bale nhlangano.
I-ANC kayenzanga kahle okhethweni olwedlule kwabanye omasipala abangaphansi koMgungundlovu, njengoba kuMasipala Umsunduzi kulindeleke ukuthi ubuswe ngokubambisana, ekubeni ihlwithwe yiDA uMasipala waseMngeni.