USEDLULILE emhlabeni umholi weNFP uNkk Zanele KaMagwaza-Msibi osekunesikhathi eside agcina ukubonakala emphakathini ngenxa yesimo esingesihle sempilo kusukela ngo-2014.
Ukushona kwakhe kuqinisekiswe yilungu le-IFP ephalamende likhuluma neSAFM namhlanje ekuseni lapho liveze khona ukuthi uMagwaza-Msibi ushonele esibhedlela esiseMhlanga eThekwini.
Amaqembu epolitiki nabantu bathumele amazwi enduduzo abhekiswe emndenini kaMagwaza-Msibi ezinkundleni zokuxhumana.
Ilungu le-ATM ePhalamende uMnuz Vuyio Zungula udlulise amazwi enduduzo emndenini wakhe ngokunjalo nakumalungu eNFP.
“Sengathi uNkulunkulu anganiqinisa kulesi sikhathi esinzima,” kusho yena.
We would like to extend our deepest condolences to the family of Mam Magwaza-Msibi and the NFP. May the Living God give you strength and healing during this difficult moment. pic.twitter.com/YSgFhbv5oF
— Vuyo Zungula MP 🇿![CDATA[]]>🇦 (@ZungulaVuyo) September 6, 2021
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa naye udlulise amazwi enduduzo emndeni kaMagwaza-Msibi ngokunjalo nendodakazi yakhe uGugu. Uthe ziyadabukisa izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ngoba bekunethemba lokuthi uzoba ngcono selokhu aqala ukugula ngo-2014.
Uthe izinto abebengaboni ngasolinye kuzo azisho ukuthi bese beyizitha. “Siyethemba uzolala ngokuthula futhi siyethemba nomndeni wakhe uzothola ukududuzeka ngemiyalezo evela kubantu bakuleli,” usho kanje.
UMagwaza-Msibi ushiye emhlabeni iqembu lakhe lisanda kumemezela ukuthi ukulungele ukukhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.
UKaMagwaza-Msibi uke waphatha isikhundla sePhini likaNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe. Ngaphambi kokungena kulesi sikhundla, ubeyiMeya yaseZululand.