UHLANGOTHI lwasendlunkulu olweseka uMntwana uSimakade kaZwelithini, luthi akudikizi nqulu ngengqophamlando yomcimbi wokudluliswa kwesitifiketi seSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Bathi lo mcimbi bekungowokuzigqamisa kwamaqembu ezepolitiki ngoba kusondela ukhetho ngo-2024.
UMntwana Mandlakapheli Zulu, okhulumela lolu hlangothi ekhuluma neSolezwe, uthe abakagudluki nakancane kulokhu ababekusho ekuqaleni kokuthi nguMntwana uSimakade, ofanelwe yisihlalo sobukhosi bukaZulu.
Wathi njengoba udaba lusenkantolo, bakholwa wukuthi luzophathwa ngendlela ngoba uMengameli Cyril Ramaphosa, akakaze ethule umbiko ngemva kokuthi indlunkulu ithumele amagama alabo okufanele bathathe isihlalo.
“Uma bekuwumkhosi weSilo ngempela, ubungeke ube sezinkundleni zezemidlalo eMoses Mabhida, ubuzoba kwesinye sezigodlo zeSilo njengoba ziningi kangaka.
“Kuyabonakala ukuthi umcimbi bekuyindlela yokuzigqamisa nje kwamaqembu ezepolitiki ngoba kusondele ukhetho luka-2024. I-ANC iyazizwa izigi ze-IFP seyizama ngayo yonke indlela ukwenza okuzobasiza bavikele isifundazwe,” kubhoka uMntwana Mandlakapheli Zulu.
Ebuzwa ngodaba lombuthano okuthiwa uyahlelwa futhi osekusabalele izikhangisi ezinobuso bukaMntwana uSimakade ezinkundleni zokuxhumana, uthe akusibona abahleli bawo kodwa bayizimenywa kuwo.
“Abantu abawuhlelile ngabeseka iSilo uSimakade kangangoba indlunkulu iyizimenywa, asikwazi okuzobe kubhungwa kuwo. Ngingakuqiniseka ukuthi ngokwesimemo esisitholile, umbuthano uzoba ngeSonto, eJewish Hall, eThekwini,” usho kanje.
Akaphumelenga obala ngokuthi isimemo siqhamuke nobani kodwa ukuqinisekisile ukuthi ngabantu abeseka uMntwana uSimakade.