SEBEZWAKALISE ukukhathazeka ngokululwa kweZimbabwean Exemption Permit (ZEP) abaqashi abasemkhakheni wamaloli.
AmaZEP ebezophelelwa yisikhathi uma kuphela uJuni kodwa manje asezophelelwa yisikhathi uma kuphela uDisemba.
IRoad Freight Association (RFA) ithe isinqumo sikaNgqongqoshe wezaseKhaya uMnuz Aaron Motsoaledi singase siholele ekuphazamisekeni kokusebenza emkhakheni wamaloli.
Isikhulu esiphezulu seRFA, uMnuz Gavin Kelly, sithe yize behambisana nokululwa kweZEP kodwa bakhathazekile ngokuthi abashayeli bakuleli bazokhala ngokuthi kusasebenza abokufika ezinkampanini zamaloli.
Yize ethe amalungu abo aqasha abantu bakuleli kodwa uveze ukuthi bakhona abanye abaqashi abazosebenzisa leli thuba ukwenza okwabo.
“Siyasizwa isizathu sikaMotsoaledi sokulula iZEP kodwa sikhathazekile ngokuthi kungase kube nodlame esalubona phambilini ngesikhathi abakhala ngokuqashwa kwabokufika bevimba futhi beshisa amaloli. Asifuni ukubuyela kuleso simo. Amalungu ethu ayazi ukuthi kufanele kuqashwe abakuleli kodwa inkinga wukuthi ngeke sikhulumele wonke umuntu osemkhakheni wamaloli. Siyacela uMnyango wezabaSebenzi ukuthi uqhubeke nokuvakashela abaqashi ukuze uqinisekise ukuthi abekho abantu bokufika abaqashiwe abakuleli ngokungemthetho,” kusho uKelly.
Uthe kufanele uhulumeni aqinisekise ukuthi uzibheka ngeso elibanzi iziphakamiso ze=All Truck Drivers and Allied South Africa (ATDF-SA) ezikhuluma ngokuqashwa kwabokufika emkhakheni wezokuThutha.
Ezinye izinhlangano ezilwela ukuthi abanamaZEP baqhubeke nokuhlala kuleli zijabule ngesinqumo sikaMotsoaledi kodwa ezinye sezithi kufanele avumele abantu ukuthi bafake izicelo zobuzwe bakuleli.
INational Employers Association igqugquzele abaqashi ukuthi bafunde kabanzi ngesinqumo sikaMotsoaledi ukuze baqonde okulindeleke kubona nabasebenzi.
Ithe akekho umuntu waseZimbabwe oneZEP ozoboshwa okusho ukuthi kwelulwe isikhathi ukuze balungise amaphepha abo.