Imqoka impilo yomntwana ezinsukwini ezingu-1000 ezelwe. Lesi kuba yisikhathi sokusimama komzimba, nokuswabuluka engqondweni nasemoyeni komntwana. Futhi lesi kuba yisikhathi sokwakheka kwesisekelo sempilo yengomuso enganeni.
Uhlelo olwaziwa nge-1000 Hospital Programme - oluqhamuka nabakwa-Huggies bembambisene noMnyango wezeMpilo luhlomisa omama abazobeletha ngolwazi namathuluzi amqoka ukunakekela impilo yabo neyabantwana abazelwe. Lo mkhankaso uzophinde uvule amathuba omsebenzi kulabo abafisa ukwenza umsebenzi wezempilo emphakathini.
Selokhu lwaqala lolu hlelo ngo-2013, lwaziwa nge-Huggies Health Workers noma iHuggies Moms, sekuqeqeshwe abesifazane bathunyelwa ezibhedlela ezingu-113 eNingizimu Afrika. Iningi lalezi zibhedlela zisezindaweni ezishoda ngezidingo-ngqangi njengakoSoweto eGauteng, eMlaza KwaZulu-Natal naseKhayelitsha eWestern Cape.
Esinye sezizathu zokuqalwa kohlelo olunjengalolu kwaba ukucaca kwesidingo sokufundisa abantu ngobumqoka benhlanzeko, impilo yengane nokondleka kwayo. Lezi zinto zineqhaza elikhulu ekukhuleni kahle komntwana osanda kuzalwa nempilo kamama wayo. ENingizimu Afrika ukusondeza lokhu kwesekwa kubalulekile emkhankasweni wokuqinisekisa impilo enhle, ikakhulu ngesikhathi owesifazane esakhulelwe ukuze umntwana afike ephile kahle.
Echaza ngalokhu, ngaphambi kosuku i-Baby #BumpDay olungomhla ka-24 Julayi, uCamilla Mgiba oyi-Junior Brand Manager kwa-Huggies, uthe lolu suku luveza ithuba lokuqwashisa ngesidingo sokunakekelwa okulinganayo komama abalindele ukuteta.
"Uhlelo lwe-1000 Day Hospital Programme seluzakhele igama ngokuba yinqola ethwele ulwazi nezimfundiso ezifanele. Ithimba lethu iHuggies Moms lisebenzisana nodokotela nabahlengikazi amitholampilo nasezibhedlela abazinze kuzo. Sebeyingxenye emqoka yomsebenzi wabezempilo. Ngomsebenzi wabo, besiza omama abalindele ukubeletha, bayakwazi ukusondeza ulwazi oludingekayo olungalekelela labo mama endleleni yabo nangesikhathi esibucayi ngemuva kokubeletha. Singasho nje ukuthi kuze kube manje ithimba le-Huggies Moms selisebenze ama-shift angu-230 lisiza amakhulu omama ekuzinakekeleni bona nabantwana abasanda kuzalwa," kusho uMgiba.
Ithimba le-Huggies Moms lisiza kakhulu ngokubonisa abakhulelwe ngokuzinakekela nokuhlelela abantwana besesesiswini baze bafike emhlabeni. Baphinde basize abezempilo ngokulungiselela umama ngolwazi lokuzinakekela sebesemakhaya, bebanika amacebo okubalwa kuwo ukuvama ukugona umntwana enamathele esikhumbeni sakho, ukushintsha amanabukeni, ukuncelisa ibele nokuhlela isimo umntwana osanda kuzalwa azokhula kahle kuso.
Kumanje ithimba le-Huggies Moms lihambela izibhedlela zomphakathi namaklinikhi usuku nosuku behambisa izifundo nosizo oludingekayo. Bayakwazi nokuhlela ukuxoxa nomama ngabanye ukuze bezwe kabanzi ngabakudingayo. Kule mikhankaso basebenzisa nemifanekiso ukuze imilayezo yabo ifinyelele ngendlela ezwakalayo.
Ngaphandle kokufundisa, ithimba le-Huggies Moms liphinde linikwe umsebenzi wokusabalalisa namasampula emikhiqizo njengamanabukeni nama-wipes okwesula umntwana osanda kuzalwa.
"Izinsuku ezifana ne-#BumpDay zibekelwe imigubho kwa-Huggies - zisinika ithuba lokubheka indlela esesiyihambile namagalelo enziwe yimikhankaso efana ne-1000 Day Programme. Kuyasithokozisa ukubona umehluko owenziwe yilolu hlelo kubantu besifazane nasemiphakathini. Sizolokhu ziyilandela imiphumela emihle yalolu hlelo olumqoka kangaka," kwengeza uMgiba.