AMACIKO aKwaZulu-Natal axwayise abafundi bezikole ezehlukene ngobungozi bezidakamizwa emcimbini wokubagqugquzela eMgungundlovu ukuthi bagxile ezifundweni bakhohlwe yizidakamizwa.
Umcimbi ubuhlelwe nguNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Mthandeni Dlungwane usenkundleni yezemidlalo eMbali, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu.
Umaskanda uKhuzani Mpungose uthe abafundi abayeke izidakamizwa ngoba azibuyiseli.
Uthe uzoxwayisa abafundi ukuthi baziyeke.
“Angikuphasisi ukuthi abafundi basebenzise izidakamizwa ngoba ngeke baye ndawo. Umfundi usheshe aguge uma esebenzisa izidakamizwa esemncane,” kusho uKhuzani.
Uthe abafundi mabagxile ezifundweni zabo bazilungiselele ikusasa labo.
USIYABONGA Mpungose noScelo Mpungose abebehaya inkondlo ebixwayisa abafundi ngezidakamizwa. Isithombe:SIBANI NGOBESE
“Ngiwumuntu oyithandayo imfundo. Ngiyabaxhasa abafundi uma kuqondene ngoba ngake ngaxhasa umfundi owaphasa kahle wathola o-A abayisishiyagalombili efuna ukuyokwenza iziqu zobudokotela. Ngiyathanda kakhulu ukubona intsha yakithi ithuthuka iya phambili,” kusho uKhuzani.
Kuchwaze inkundla kungena uDladla Mshunqisi oshaye ingoma Omunye kwahlanya abafundi.
USiyabonga Mpungose noScelo Mpungose bashaye inkondlo egqugquzela abafundi ukuthi bayeke izidakamizwa.
Batshele abafundi ukuthi abagxile ezincwadini zabo bayeke ugwayi, insangu, iwunga nezinye izidakamizwa ezizobakhubaza.
“Bafundi asisekho isikhathi, fundani manje. Ningafiki nidle ipeni ephepheni uma senibhala,” kusho uSiyabonga.
UDlungwane uthe ubefuna umyalezo wokulwa nezidakamizwa udluliswe ngamaciko akhuluma ulimi lwabafundi.