INKANTOLO yeMantshi eGauteng inqume ukuthi abokufika abasezweni ngokungemthetho kumele babuyiselwe emazweni abo.
Abokufika abangaphezu kuka-600 ababoshwa ngeledlule emuva kokugasela kwamaphoyisa ayefuna impahla ebunjezelwe bazoyiswa esikhungweni iLindela Repatriation Centre.
Kwababoshiwe kutholakale ukuthi abawu-459 bahleli ngokungemthetho. Amacala abo alalelwe ezinkantolo ezintathu ezehlukene ngenxa yokuthi baningi.
Abazoyiswa eLindela bazohlala inyanga ngaphambi kokudluliselwa emazweni abo.
Amaphoyisa asolwa ngokweba izimpahla eziwumkokotelo ezazithathwe kubadayisi avele enkantolo kanye nabo.
Izolo bekukhona amalungu omphakathi azwelana nabokufika abebhikisha ngaphandle kwenkantolo efuna kudedelwe ababoshiwe.
USihlalo we-African Diaspora Forum, uDkt Vusumuzi Sibanda, ekhuluma ne-ENCA uthe bakholelwa wukuthi bekuhloswe ukuboshwa abokufika ngesikhathi amaphoyisa egasela ezitolo zabo.
Uthe ngaphezu kwalokhu abokufika abazange baphathwe kahle sebeboshiwe.
“Ababoshiwe bahlukumezeka ekubeni benamalungelo. Abanye babo banqatshelwe ukukhuluma nabameli babo. Abanye banqatshelwe ukukhuluma nemindeni yabo, abanye abazange banikwe nokudla,” kusho uSibanda.
Uthe abanye babenawo amaphepha ezimvume kodwa amaphoyisa awazange azibheke, avele ababopha ethi abanayo imvume.
Mahlanu amaphoyisa aboshwa emuva kokutholakala nezimpahla zomkokotela ezazithathiwe ezama ukuzidayisa. Amabili asolwa ngokuthi yiwona akhipha ulwazi ukuthi kuzogasela amaphoyisa.
Icala lizobuyela enkantolo ngesonto elizayo.