IZOHLOLWA ukuthi ayiphazamisekile yini emqondweni inyanga yaseGcilima, eMargate, eyabanjwa oqotsheni idayisela iphoyisa izicubu zomuntu izitshela ukuthi liyinyanga.
Inkantolo yeMantshi yaseRamsgate, ithe uMnuz Sibusiso Phumlani Ngidi (34) noNkk Khanyisile Khusi, ababhekene necala lokudayisa izicubu zabantu nelokubulala bazoqale bayohlolwa ukuthi abaphazamisekile yini ekhanda.
Bekulindeleke ukuthi uNgidi afake isicelo sebheyili kodwa kwangenzeka ngoba ubezohlanganiswa noNkk Khusi okusolwa ukuthi ubesizana naye ekwenzeni lawa macala.
UNgidi okuvele ukuthi ubebuye agumbe amathuna athathe izidumbu ezisanda kungcwatshwa izolo ubebukeka sengathi udidekile.
Inkantolo ithe ngaphambi kokuthi laba ababili baqhubeke necala kuzomele bayohlolwa ukuthi abaphazamisekile yini ngokomqondo, icala labo yalihlehlisela uLwesibili oluzayo.
Ngaphandle enkantolo umphakathi ubugcwele ufuna ukuzozibonela ngamehlo le nyanga okuthiwa seyike yahamba ikhomba amathuna, ethi yawamba yakhipha izidumbu kuwo.
Kuleli qulu ebelingaphandle bekukhona nomndeni kaMxolisi Langazana (17) owaduka kubo nyakenye wabonakala emzini wale nyanga okukholakala ukuthi yambulala.
Umndeni wakhe uthe walivula icala lokulahleka kwakhe futhi yazisa amaphoyisa ngemuva kokuthi uthole ukuthi uke wabonakala emzini wale nyanga, kodwa yamlandula emaphoyiseni. Sekuvele ukuthi inyanga itshele amaphoyisa uthi yambulala.
Ugogo omncane kaMxolisi, uNkk Thandeka Khusi uthe bese bemfune baze badela engekho umuntu othi wake wambona kwenye indawo ngaphandle kwasemzini wale nyanga.
“Anginalo ithemba lokuthi azotholakala amathambo akhe kuleso sigodlo okuthiwa agqitshwa kuso. Kungenzeka iyazisholo nje ukuthi yawagqiba ngoba ibona ukuthi kuzomele ichaze ukuthi izicubu zakhe yazidayisela bani. Kuyasimangaza ukuthi namuhla sekuvela nokuthi kunomuntu wesifazane naye owaziwayo emphakathini ebisebenzisana naye. Kusho ukuthi bakhona abanye esisazozwa kuthiwa bayabandakanyeka kulo mkhuba njengoba kuvela ukuthi bangaphezulu kwababili abantu ebebesebenza nayo,” kusho yena.