Izindaba

UMogotsi uzofakaza kwiKhomishana kaMadlanga esingena kwesinye isigaba

Fanelesibonge Bengu|Updated

Usomabhizinisi uBrown Mogotsi uzokwethula ubufakazi kwiKhomishana kaMadlanga

Image: SABC News

INGENA kwesinye isigaba ikhomishini ephenya izinsolo zokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa kanjalo nasezinhlakeni zokushushisa kuleli njengoba kusuka ngoLwesibili kuzofakaza okuvele amagama abo ngezinsolo zezenzo ezahlukene.

IKhomishini kaMadlanga izokwamukela uMnuz Brown Mogotsi ngoLwesibili kuya kuLwesithathu. Usolwa ngokusondelana noNgqongqoshe wamaPhoyisa osekhefini eliyisipesheli uMnuz Senzo Mchunu. Kuthiwa wuyena umxhumanisi phakathi kukaMchunu nosomabhizinisi osolwa ngokuba wumgulukudu uMnuz Vusimuzi “Cat” Matlala. 

Ikhomishini esidonse izinsuku ezingu-35, isilalele ubufakazi kwabangu-27 kusuka yaqala ukuhlala ngo-Septhemba 17.

Ufakazi wokuqala kwaba wumkhuzi wamaphoyisa eKZN uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi okuwuye owokuqala owenza izinsolo ekhala kakhulu ngokuvalwa kwethimba eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki iKZN Political Killings Task Team ethi uMchunu akakwenzanga enezinhloso ezinhle

Kusuka ngoLwesibili kuzobe sekumenywa bonke amagama abo athinteka ezinsolweni ukuba bezoveza uhlangothi lwabo.

Kulindeleke ukuthi lesi sigaba sidonse kuze kube yisekuqaleni konyaka ozayo.

Ngemuva kwalokho isigcawu sizodlulela esigabeni sesithathu lapho kuzophinde kubizwe uMkhwanazi nabanye ofakazi asebefakazile ukuthi bazocacisa okunye okuzovela.