Izindaba

Zizomashela ukungaholi izinduna zaseMzimkhulu

Nkosikhona Cele|Published

Izinduna zingene emgwaqweni sikhala ngokungaholi

Image: Sigciniwe

ZIHLELA ukumasha izinduna zaseMzimkhulu ezingaphezulu kuka-400 ezibalisa ngokubhuqwabhuqwa yinkemane ngenxa yokuwuzwa ngendaba umholo.

Phambilini kwahlaluka ukuthi izinduna ezingaholi ezingaphansi kweNkosi uNtobeko Msingaphantsi kanye neNkosi uVelile Jozana.

Okhulumela izinduna zaseMzimkhulu, uMnuz Bheki Dzanibe, utshele Isolezwe ukuthi ekuqaleni kwenyanga bahlela ukuba nemashi ezobe ibanjelwe edolobheni eMgungundlovu.

Uveze ukuthi bagcine befinyelela kulesi sinqumo ngenxa yokuthi babona kahle ukuthi abezwakali nhlobo uma bekhuluma ngalolu daba.

Uthe bakholwa wukuthi ukusukuma kwabo hleze kuzowenza umehluko kugcine kuzwakele ukukhala kwezinduna.

''Le mashi sifuna ukuthi ingabibikho neyodwa induna yaseMzimkhulu engaholi esalayo kuyona. Zonke izinduna zizophuma ziye kuyona. Sifuna ukuthi kuzwakale ukukhala kwezinduna. Asikho esinye isikhathi esidlula lesi," usho kanjena.

Eqhuba uthe ukholwa wukuthi sebekhale kwanele ngakho ke sesifikile isikhathi sokuba babonakalise ngezenzo ukuthi sebekhathele wukubona izinduna zaseMzimkhulu ziphila impilo enzima ngalolu hlobo.

''Abantu abazi ukuthi mkhulu kangakanani umsebenzi owenziwa yizinduna emphakathini. Kodwa indlela okwenzeka ngayo kubonakala sengathi akekho onendaba nezinduna zaseMzimkhulu. Ibuhlungu kabi le nto ukuthi ukuze kuzwakale kumele obaba abadala kangaka abanemizi baze bagcine becabanga ukuphuma bashiye imizi yabo bangene emashini ngenxa nje yokuthi akekho noyedwa ozimisele ngokuzwa ukukhala kwabo," usho kanjena.

Ufunge wagomela wathi ngeke baze bathule kodwa bazolwa kuze kube sekugcineni ukuze zigcine ziholile izinduna zaseMzimkhulu.

Ukhombe ngenjumbane uMnyango wokuBasa ngokuBambisana noBuholi boMdabu oholwa wuMphathiswa uMfu Thulasizwe Buthelezi wathi yiwona kanye obonakala uzikhipha inyumbazane izinduna zaseMzimkhulu.

''Kudela owaziyo ukuthi zenzani kubani izinduna zaseMzimkhulu njengoba zijeziswa kabuhlungu kangaka nje. Nokho manje ngeke sisalenza iphutha elikhulu lokuba sichithe isikhathi ngokukhuluma kodwa sizobonakala ngezenzo njengoba siqala nje ngale mashi ezobakhona kungekudala,''usho kanjena.

Isolezwe like labika ngengwadla izinduna zaseMzimkhulu ezibhekene nayo yokungaholi. Ngesikhathi Inkosi uMsingaphantsi ikhuluma neSolezwe mayelana nalolu daba yezwakalisa okukhulu ukukhathazeka ngalesi simo.

Yadalula ukuthi akukho abangakwenzanga bezama ukuthi zihole izinduna zaseMzimkhulu kodwa imizamo yabo kumane kufane nokuthi bathela amanzi nje emhlane wedada.

Izinduna ezikhulume neSolezwe zacela ukuba kugodlwe amagama azo zithe nakanjani ziya phakathi emashini. Zithe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi lokhu kuzodala ukuthi kwazi wonke umuntu ngesimo sezinduna zaseMzimkhulu.

"Uyazi ukuthi kukhona abanye abantu abangazi ukuthi izinduna zaseMzimkhulu kaziwazi nje nhlobo umholo. Kwazi bani mhlawumpe kukhona okuhle okuzovela uma simasha. Sesikhathele manje wukuphila impilo enjengalena, siphila sengathi thina siyizingane zangaphandle," kuchaza enye induna.

Kunanele enye yagcizelela ukuthi le mashi ezayo kuzoba ngeyokuqala nje. Ithe uma kudlula izinyanga ezimbalwa umehluko ungabonakali bazokwenza konke okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuthi bayaphindela futhi kuyona imashi.

''Sifuna ukumasha kuze kutholakale esikufunayo. Sizimisele ngokulwa ngakho konke esinakho,'' isho kanjena.

Phambilini uMfu Buthelezi ekhuluma ngalolu daba waveza ukuthi baphezu kwalo bazolulungisa. Wayekhuluma emcimbini owawuseMfulamhle ngoDisemba.