Izindaba

Sidalule eyokulahlekelwa yizigidi isikhungo sabakhubazeke ngokwengqondo

Nkosikhona Cele|Published

ABEBEHAMBELE ukwethulwa kabusha kwesikhungo sabakhubazeke ngokwengqondo

Image: SITHUNYELWE

SESIDALULE ukuthi silahlekelwa yimali elinganiselwa ku-R2 million nyanga zonke isikhungo esibhekele abakhubazeke ngokwengqondo, iDurban And Coastal and Mental Health.

Lokhu kudalulwe wuSihlalo webhodi lalesi sikhungo, uMnuz Sthandiwe Mkhize, ngesikhathi isikhungo sinomcimbi wokuzethula kabusha ebantwini. Umcimbi ubuseSherwood muva nje.

Ekhuluma lapha uMkhize uthe kudinga imali eningi kakhulu ukugcina lolu hlobo lwesikhungo lusebenza ngendlela efanele futhi zonke izinto zenzeka kahle ngendlela efanele.

Uthe yingakho benxenxa abanye osomabhizinisi abangaba nentshisekelo yokusebenzisana nabo ukuba basondele kusetshenziswane ukuze konke kuqhubeke kuhambe kehle.

''Eqinisweni nje imali esilahlekelayo iyafinyelela ezigidini ezimbili. Kodwa nakuba kunjalo siyaqhubeka ngenxa yokuthi siyakuqonda kahle kamhlophe ukubaluleka kokugcinwa kwabantu abakulesi sikhungo,'' usho kanjena.

Uveze ukuthi isikhungo sitholakala ezingxenyeni ezahlukene ezikhona eThekwini. Uthe kukhona abantu ababagcina bengaphakathi kusona abanye bangaphandle.

Uchaze lesi sikhungo njengesiklama indima enkulu kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi banakekelwa ngokusezingeni eliphezulu nelifanele abantu ababhekene nengwadla yenkinga yokukhubazeka ngokwengqondo.

''Kwabanye konke kwakuhamba kahle empilweni kodwa bagcina bekulesi simo ngenxa yezimo ezinzima ababhekana nazo empilweni okuyizona ezagcina zibathatha zibabeka kule ndawo,'' usho kanjena.

Uthe njengoba bezethule kabusha nje bafisa ukuthi isikhungo sigcine sesifinyelela nalapho ebesingakwazi ukuthi sifinyelele khona phambilini.

Isikhulu esiphezulu sesikhungo, uMnuz Mbonisi Sibisi, sithe basembhidlangweni wokuqinisekisa ukuthi isikhungo sifinyelela kuwona wonke amazwe ase-Afrika kanjalo nasemazweni aphesheya kwezilwandle.

Lokhu uthe akangabazi nakancane ukuthi kuzodala ukuthi kube lula kakhulu ukusebenza kwaso.

Uveze ukuthi bayisikhungo esincike kakhulu eminikelweni ukuze siphile. Uveze ukuthi baye besekwe wuMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi kwaZulu-Natal kanjalo noMnyango wezeMpilo.