OKlebe bathungatha uJoachim “G6” Chivayo
Image: Sir Wicknell/ Facebook
uJoachim Wicknell Chivayo ofunwa oKlebe eNingizimu Afrikanemi nomengameli wakhe uMnuz Emmerson Mnangagwa nengoduso yakhe uLucy "Lulu" Muteke.
Image: Facebook
UJoachim “G6” Chivayo - owaziwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana eZimbabwe ngokuphila impilo yobukhazikhazi, ufunwa uthuli yiDirectorate for Priority Crime Investigation (Hawks) eNingizimu Afrika ngemuva kokuhluleka ukuvela enkantolo.
Lo macaphuna-kusale uJoachim Chivayo (33) ongowokudabuka eZimbabwe no-Ayanda Brian Gungwa (20) waseNingizimu Afrika baboshwa ngo26 Novemba 2024, eHelderwyk Estate, eEastrand, yithimba loKlebe eliphenya ngobugebengu obuhleliwe. Batholakala namatshe ayisithupha egolide enani elilinganiselwa ku-R15 million.
Bobabili abasolwa babekwe icala lokutholakala negolide ngokungemthetho, okuphambene nomthetho iPrecious Metals Act, Act 37 of 2005. Icala libhaliswe esiteshini samaphoyisa eBrakpan. Laba bobabili bavela okokuqala enkantolo yeMantshi eBrakpan, 27 Novemba 2024.
Ngomhla ka-28 Novemba 2024, bobabili abasolwa banikezwe ibheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye enemibandela yokuthi umsolwa ngamunye akumele baphume eGauteng noma bafulathele leli lizwe kuze kuphothulwe udaba.
Kwakufanele ukuthi bobabili abasolwa baye esiteshini samaphoyisa eBrakpan kanye ngesonto kusukela mhla zingu-01/12/24. Icala labo lahlehliselwa ukubuyela enkantolo mhla Febhruwari 2025 kuqhutshekwe nophenyo. Bobabili abasolwa, uJoachim Chivayo noBrian Gungwa bahlulekile ukuvela enkantolo ngemuva kokuthi bededelwe ngebheyili kwaze kwaba inkantolo yeMantshi yaseBrakpan ikhipha incwadi egunyaza ukuthi baboshwe mhla ka-11 Mashi 2025.
Kukhishwe izincwadi ezigunyaza ukuboshwa kwabo bobabili abasolwa, izithombe zasatshalaliswa njengabasolwa abafunwayo.
Abasolwa uJoachim Chivayo, 33, and Ayanda Brian Gungwa bafunwa oKlebe
Image: Hawks