ONGEMUVA yiMeya yaKwaDukuza, uMnuz Siduduzo Gumede ekanye noMnuz Bheki Mendlula wakwaTransnet ngesikhathi bebheka isitimela sezempilo iPhelophepa 1
Image: SITHUNYELWE
IDALULE eyokugcwala kwezibhedlela kwisiFunda iLembe, iMeya yaKwaDukuza uMnuz Sduduzo Gumede.
Lokhu ukuveze njengoba kade ekhuluma ngemuva kokuba kade kwamukelwa isitimela sezempilo sakwaTransnet, iPhelophepa 1.
Lolu hlobo lwesitimela lugxila kakhulu kwezempilo. Asimi ndawonye sijwayele ukuhambela izingxenye ezahlukene zezwe.
Bese kuhlangene iminyaka eyisikhombisa egcwele sagcina ukufika KwaDukuza.Ekhuluma lapha uGumede uthe bajabule kakhulu ngokubona lesi sitimela futhi emva kwesikhathi eside.
Uthe siklama indima enkulu ekwehliseni umthwalo njengoba eveze ukuthi kugcwele vele ezibhedlela eziningi zakule ndawo.
"Kulusizo olukhulu ukuba khona kwalesi sitimela kuyawehlisa ngampela umthwalo obakhona ezibhedlela zethu zalapha," usho kanjena.
Njengoba lesi sitimela sizoba khona amasonto amabili agcwele ubaphosele inselelo abantu baKwaDukuza ukuba baye kusona ukuze bezothola ukusizakala.
Eqhubeka unxuse abantu besilisa ukuba babhukule bangabi madolonzima uma kukhulunywa ngodaba lokuya ezikhungweni zezempilo.
"Siyawadinga amadoda akukhuthalele ukuya ezikhungweni zezempilo kusanesikhathi," usho kanjena.
Uthe uhlabeke umxhwele ngenxa yobudlelwane obuhle athe bukhona phakathi kukamasipala noTrasnsnet.Lobu budlelwano uthe buhlomulisa umphakathi ngezindlela ezahlukene.
UMnuz Bheki Mendlula wakwaTransnet uthe bajabule ngokubuya kwalesi sitimela KwaDukuza emva kwesikhathi eside kakhulu sagcina.
Uveze ukuthi lesi sitimela sesilekelele iziguli ezilinganiselwa ku19 million selokhu sasungulwa ngo1994.
Lokhu uthe bayazigqaja kakhulu ngakho ngoba sekwenze umehluko kubantu abaningi.Uthe ukholwa ukuthi baningi abantu abangasizakala ngalolu hlelo inqobo nje uma bezozimisela ngokuthi baziyele bona ezikhungweni zezeMpilo.
Ukuchithe ngazo zombili ukuthi lolu hlobo lwezitimela yilapho khona abantu bokufika abakwazi ukuthi bathole ukunakekeleka kahle.
Wathi kungamampunge ukuthi isitimela sabo sikubeka eqhulwini ukunakekela kwabakofika.
Umphakathi ukushayele ihlombe ukubuya kwalolu hlelo. Elinye ilungu lomphakathi uNklk Ntombikayise Nxumalo lithe bahlabeke umxhwele ngokubuya kwalesi sitimela.
Lithe bakholwa ukuthi baningi kakhulu abazothola ukusizakala ezifweni ezahlukene ababhekene nazo.
Related Topics: