Izindaba

Bayamaniswa nokugetshengwa kwemoto yemali abasolwa ababulewe amaphoyisa

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kutholakale izibhamu ezintathu kubasolwa

Image: Sigciniwe

Abasolwa ababili okusolwa ukuthi bayingxenye yabasolwa abagebenge imoto yemali eVerulam ngoMsombuluko, Febhruwari, badutshulwa bafa ngesikhathi bedubulana namaphoyisa endaweni yaseNhlazatshe, eShayamoya, e-Edendale ezintatha zangoLwesibili.

NgoMsombuluko ntambama, okungenani abasolwa abangu-12 bagebenge imoto yemali ekhoneni lomgwaqo uJabu Ngcobo noFairview eVerulam. Abasolwa bamise iloli elithwala imali kanti kuthiwa baphuce onogada izibhamu ezintathu ngaphambi kokuba babaleke nesamba semali esingadalulwanga.

Phakathi kwamabili ngoLwesibili, amaphoyisa aqoqe ezobunhloli ukuthi abanye abasolwa abathinteka esehlweni saseVerulam babecashe e-Edendale. Uphiko lwezobunhloli luqale ukusebenza kwathi uma amaphoyisa efika endlini abebebhace kuyo abasolwa kwabe sekuqhuma isibhamu phakathi kwamaphoyisa nabasolwa.

Abasolwa ababili badutshulwe bafa kwathi umsolwa wesithathu wasinda ngokulambisa. Amaphoyisa athole izibhamu ezintathu, kanye nezinhlamvu eziningi kubasolwa. Imoto yohlobo lwe-VW Polo okusolwa ukuthi isetshenziswe ngesikhathi kubanjwa inkunzi imoto nayo itholwe endaweni yesigameko. Kutholwe iveni elinenqwaba yezinombolo egaraji.

Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi kudutshulwana kanti umsebenzi wokuthungatha abanye abasolwa usaqhubeka.