Izindaba

Ukhala ngokuba muhle ngamavoti umphakathi okhahlanyezwe yizikhukhula

Zimbili Vilakazi|Published

NGENYE yemizi ekhahlanyezwe amanzi eMzomusha, eNanda, abangaphakathi kuyona, abangasakwazi ukuphuma njengoba indlela igcwele amanzi

Image: TUMI PAKKIES/Independent Newspapers

ITHI seyakhuluma nezinhlaka zikahulumeni kwaze koma amathe, imindeni eyisishiyagalolunye yaseMzomusha, KwaBester, eNanda, ngomhosha ovele ugcwale amanzi, kumbozeke izindlu uma kuke kwana imvula enamandla.

Le mindeni isho kanje izolo, ngesikhathi Isolezwe lihambele le ndawo, kulandela imvula enamandla eyidlive ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.

Ziyisikhombisa izindlu ezivaleleke ngaphansi kwamanzi kule ndawo, kuzona kukhona ezimbalwa ezivela kancane ngophahla ngesikhathi ezinye zingaveli nangokhalo. Kuphinde kube khona ezinye ezimbili, ezingasavikelekile emanzini, imindeni ehleli phakathi ivalelekile njengoba amanzi esavimbanisile endleleni okuhanjwa kuyo.

OYILUNGU le-EFF ePhalamende likazwelonke, uNkk Sibongile Khawula, ngesikhathi ehambele indawo ekhahlanyezwe yimvula enamandla eMzomusha, eNanda

Image: TUMI PAKKIES

Le mindeni esiphenduke ondingasithebeni, itshele leli phephandaba ukuthi alukho usizo esalutholile kuhulumeni kusukela ngoLwesihlanu. 

Iphinde yaveza ukuthi ikhathazwa nawukuthi kunokwenzeka ukuthi kukhona abantu abavaleleke ngaphansi kwamanzi njengoba ikhansela lendawo noMasipala weTheku, beqhubeka nokuhambela kude nendawo yesehlakalo.

“Sinovalo lokuthi kukhona esingababoni, abebephuza (utshwala) ngesikhathi kuhlasela imvula enamandla. Kuze kube yimanje asibaboni ngoba siyazana phela njengoba singebaningi. Nasezingcingweni asibatholi. Sifikelwa umcabango obuhlungu wokuthi cishe basavalelekile emanzini,” kusho uNkk Fikile Mahlangu.

IZINDLU zivele ngokhakhayi eMzomusha, eNanda, kulandela imvula enamandla

Image: TUMI PAKKIES

Uqhube wathi yena nowakhe umndeni, baphuma nababekugqokile kuphela, bevuswa esinye isihlobo, esasesibonile ukuthi amanzi eza ngamandla.

Uveze ukuthi into edala ukuba bakhahlamezeke ukuthi imizi yabo iseduze komhosha okuchithekela kuwo amanzi asuke ehla ngamaphaseji emizini eyakhiwe ezinhlangothini ezimbili ezihlukaniswa umhosha.

“Njalo uma kunalawo manzi avele agcwale ezindlini zethu. Akukhona okokuqala sibhekana nale nkinga, sekuyiminyaka ngeminyaka,” usho kanje.

INDAWO yaseMzomusha, eNanda, ekhahlanyezwe imvula enamandla

Image: TUMI PAKKIES

Uthe zikhona izindlu ezingolindela abase bethenjiswe ukongena kuzo eTafuleni, eNanda. Uveze ukuthi njalo uma sekufanele bathuthwe bayiswe khona, ikhansela livele libike imbiba nebuzi.

“NgoLwesithathu, kwakufanele sithuthwe nezimpahla zethu, nakhona lakhala ngokuthi abantu abaphelele. Ukube lasithutha ngabe wonke lo monakalo awusificanga,” kusho uNkk Mahlangu.

Ukhale ngokuthi uma kufanele bayovota, osopolitiki bangena umuzi nomuzi, bebanxenxa ukuba bayovota, uma sebesenkingeni ekanje, bahambela kude.

UNKK Fikile Mahlangu echaza ngokubehlele, bephuma nabebekugqokile kuphela, bekhahlanyezwa yimvula enamandla eMzomusha, eNanda

Image: TUMI PAKKIES

Esinye isakhamuzi, uMnuz Lungani Mdluli, sithe into ababekade bekhala ngayo ukuthi kufakwe amapayipi amakhulu azokwazi ukumelana nomthamo wamathantala amanzi abakhahlameza njalo uma linile.

“Ukube bayasilalela bawafake la mapayipi esiwashoyo ngabe ayikho yonke le nkinga. Ngabe amanzi angena epayipini, ayophumela ngaphesheya komgwaqo lapho okungekho zindlu khona,” kusho uMdluli.

Ikhansela le ndawo, uMnuz Themba Mnguni liziphendulela, lithe abakhahlamezekile babuye babe nokungabambisani kahle nabezinhlaka zikahulumeni.

"Udaba ludala, lwaqala ngisho nami ngingakabi yikhansela. Ngokubona ukuthi sekujwayelekile ukuthi kwenzeke inkinga efanayo, ngibize zonke izinhlaka zikahulumeni, nganxusa ukuthi zingenelele," kusho uMnguni.

Uthe bagcine beyokhuluma neNkosi yamaQadi, uMnuz Mqoqi Ngcobo, yabanika indawo yokwakha izindlu zesikhashana eTafuleni.

"Kuthe sekufanele bayongena kuzo, bakhala ngokuthi zinamagumbi amancane (4 room), bona imizi yabo mikhulu (6 room)," kusho uMnguni, othe nangeledlule ngesikhathi sekuhlelwe ukuthi bazothuthwa, kuvele kwaba khona imindeni emithathu kuphela, abanye kwathiwa abekho.

"Kubuye kube nzima ukulungisa isimo salolu hlobo. Izolo (ngoMgqibelo) ngizamile ukuyoxoxa nabo kodwa ngishiye phakathi, sebehlasela umshayeli wami, bemshaya. Nokho ke ngeke siphele amandla, sizoqhubeka sixoxe nabo," kusho uMnguni othe usezinhlelweni zokubiza omunye umhlangano, iphinde ixoxwe eyokulekelela umphakathi ngale nkinga. Uthe ikhona iprojekthi eqhubekayo yokuzama ukubheka udaba lomhosha kanjalo namapayipi ahambisa amanzi kule ndawo. 

Ngesikhathi ithimba laleli phephandaba lifika endaweni yesigameko, lifikisane noNkk Sibongile Khawula, oyilungu lasePhalamende le-EFF obesebuya okwesibili, elethe umnikelo wokudla kulabo abakhahlamezekile.

Uthe ubone umonakalo ngesikhathi edlula ngemoto ngoMgqibelo, wama, okuyilapho ethole khona kabanzi ngesimo.

“Okubuhlungu ukuthi uma sithinta ikhansela, lisitshela eyokuthi abantu kufanele ingabe abasekho la. La elithi kufanele ingabe baye khona, awukho ugesi namanzi,” kusho uNkk Khawula.

Uthe into emxakayo ukuthi umphakathi ungobasi babo.

“Kungani bengezi kubantu uma bevelelwe yinkinga njengoba nami ngenzile?” ubuze kanje.

Uthe bacele ngoMgqibelo, ukuthi kuze iloli likamasipala elizomunca wonke amanzi, ukuze bakwazi ukungena babheke ukuthi abekho yini abavaleleke ezindlini.