Izindaba

Kufufusa isiteleka ngokunyuswa kweGEMS

Mhlengi Shangase|Published

Kufufusa isiteleka sezinyunyana ezikhala ngokunyuka kweGems

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

IYASHUBA impi ebhekiswe esikhwameni iGovernment Employees Medical Scheme (Gems), njengoba izinyunyana zabasebenzi bahulumeni sezifake isicelo sokuya esitelekeni esisemthethweni uma izingxoxo zokubuyekeza isinqumo sokunyusa imali salesi sikhwama, ziphunza.

Lokhu kuvezwe ngumfelandawonye wezinyunyana iFedusa, efake isicelo kwiNedlac, sokuthi igunyaze izinyunyana ukuthi ziye esitelekeni uma izingxoxo eziqhubekayo zokuchitha ukunyuswa kwemali ngo-9.5%, zigcina zingafinyelelanga esivumelwaneni.

Ngempelasonto le nyunyana kanjalo nenyunyana iPSA, zimashele emahhovisi ahlukene akwa-Gems, lapho zizwakalise ukungenami ngokunyuswa kwemali ngale ndlela. Lezi zinyunyana zifuna kwenziwe nocwaningo ngokusebenza kwezimali kulesi sikhwama.

Isitatimende seFedusa, sithe sithola nezeluleko zomthetho ngokunyuswa kwemali ekhokhelwa le medical aid.

"Sifuna ukuya esitelekeni uma kungukuthi izingxoxo azitheli zithelo. Asihambisani nokunyuswa ngale ndlela kwemali njengoba nanyakenye yanyuswa kakhulu," kusho isitatimende.

Sithe ibiyisiqalo kokukhulu okuzayo imibhikisho ebingempelasonto ezifundazweni ezehlukene.

"Lesi sikhwama sasisungulelwe ukusiza abasebenzi bahulumeni. Yingakho sizoyiqinisa imikhankaso yokulwa nokunyuswa kwemali," usho kanje.

Kwenzeka lokhu nje izinyunyana eziyingxenye yeCosatu, zinesithangami sabezindaba namhlanje ngomnyakazo wazo okuleli sonto, mayelana nokunyuswa kwemali nguGems. Nalezi zinyunyana zisho ngazwi linye ukuthi akuchithwe ibhodi leGems kuphinde kubuyekezwe isinqumo sokunyusa imali.

Kusasa izinyunyana ezikwiCosatu zizobhikisha zizwakalisa ukungenami ngokunyuswa kwemali, bese ngoLwesine umbhikisho ubhekiswe ekomkhulu lalesi sikhwama ePitoli.

I-Principal Officer yakwaGems, uDkt Stanley Moloabi, yakhala ngokubhubhudlwa, ukuxhashazwa nenkohlalalo eyenziwa abasebenzi okwenze kwanyuka imali ye-medical aid.

Yaveza ukuthi abanye babasebenzi basebenzisa ngendlela engafanele i- medical aid, balalise ezibhedlela ezizimele izihlobo zabo ezingakhaviwe ngaphansi kwesikhwama.

"Minyaka yonke siyayinyusa mali njengoba kwenzeka nakwamanye ama-medical aid. Sikhokhe imali ephindiwe kunale esasiyihlelile nyakenye ngenxa yokunyuka kakhulu kwezindleko zalabo esibakhavile. Abasebenzi bayayixhaphaza i-medical aid kanti abanye benza nenkohlakalo," yasho kanje.