Izindaba

Anele ama-ARV kuleli futhi awashodi -Motsoaledi

Mhlengi Shangase|Published

Aaron Motsoaledi

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

UQINISEKISE iPhalamende uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, ukuthi kawashodi ama-ARV's eNingizimu Afrika futhi ngeke kuphazamiseke ukusatshalaliswa kwawo. 

Ukusho lokhu emva kokuba ezinye zezinkampani eziwasabalalisayo, kuvele ukuthi zisenkingeni njengoba zidinga ukutakulwa ngokohlelo lwebhizinisi.

UMotsoaledi uphefumule kanje ekhuluma emhlanganweni wekomiti lezeMpilo ePhalamende izolo. Ikomiti belifuna incazelo ngokuthi akuzoba nezinselelo ekuhanjisweni kwemishanguzo ngenxa yezinkinga ezibhekene nezinkampani ezimbili eziwakhiqizayo?

"Sinemishanguzo engathatha izinyanga ezintathu ihanjiswa kwabayidingayo ngaphandle kokuphazamiseka. Akukho zinkinga noma izinselelo ekusatshalalisweni kwama-ARV's kuleli, phezu kokuba lezi zinkampani zifuna usizo lokutakulwa." 

Uthe yingakho umsebenzi wokusabalalisa le mishanguzo kanjalo neminye imithi eyiswa ezibhedlela, yanikwa izinkampani ezehlukene ukuze ingashodi.

"Uma inkampani eyodwa ihluleka ukusabalalisa imithi nemishanguzo, siya kwenye ezokwazi ukuyisabalalisa. Akukho kuphazamiseka ekuhanjisweni kwemithi kuleli."

Uthe banazo izinhlelo zokunqanda ukushoda kwemishanguzo njengoba bekwazi ukubona lapho ishoda khona.

"Iminyango yezifundazwe inemishanguzo eyenele ukuyisabalalisa kubantu. Sikubeke eqhulwini ekutheni ingashodi imishanguzo kuleli ngoba siyazi kungaba inkinga engakanani uma ingase ishode." 

Uveze nokuthi babalelwa ku-6 million abantu abadla ama-ARV's kuleli.

Amalungu ePhalamende afune ukwazi ukuthi bamephi ekutheni kube nenkampani ezokhiqiza le mishanguzo kuleli?

UMotsoaledi uthe u-70% wama-ARV athengwa kuleli.

Kulo mhlangano kuvele ukuthi lo msebenzi wokusabalalisa ama-ARV wanikwa izinkampani ezingu-15. Lezi zinkampani zinikwe isikalo okumele zisisabalalise. Okunye okuvelile ukuthi izinkampani ezimbili ebezifune ukutakulwa ngokwebhizinisi, sezisesimweni esikahle ngasezimalini kanti ziqashwe ngelokhozi ukuthi azihluleki ukwenza lo msebenzi.

UMotsoaledi uthe uma kwenzeka kuba nezinselelo zokuthi abantu bathole imishanguzo, kuzobe kungahlangene nokuthi uMnyango wakhe uhluleke ukuwahambisa.

"Kungaba ezinye izinkinga ezingenza abantu bangawatholi ama-ARV's kodwa hhayi ukuthi ingoba kunezinkinga ngasohlangothini loMnyango. Imishanguzo ayishodi, yanele. Abantu abangathuki! Phansi amaphaphu, sinezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi akuphazamiseki ukuhanjiswa kwale mishanguzo," kugcizelela uMotsoaledi.