Izindaba

Othisha kuthiwa badube ukufundisa bekhala ngamakhamera emakilasini

Simangaliso Ntshangase|Published

KUPHAZAMISEKE ukufunda esikoleni samabanga aphezulu Umkhumbane Secondary, eMayville, eThekwini, othisha beduba ukufundisa

Image: SITHUNYELWE

KUPHAZAMISEKE uhlelo lokufunda nokufundisa esezikoleni uMkhumbane Secondary, eMayville, eThekwini, ngenxa yesenzo sothisha abawu-20 bakulesi sikole abadube umsebenzi bekhala ngokufakwa kwamakhamera - okusolwa ukuthi afakwe wuthishanhloko wakulesi sikole emagunjini okufundela ukuze kuqine ezokuphepha.

Umthombo ozazi zonke ezenzeka kulesi sikole ongathandanga ukudalulwa ukuze uvikeleke, udalule ukuthi isisusa sale nkinga kube wukuthi uthishanhloko, uMnuz Ntokozo Ngobese, wafaka la makhamera phecelezi ama-CCTV maphakathi nonyaka nyakenye, evumelana nesigungu esilawula ukusebenza kwesikole, ngoba enzela ukuthi kuphephe.

“Lokho wayekwenza ngoba enzela ukuthi kunciphe noma kunqamuke izigameko ebese zidla lubi esikoleni zokuntshontshelana kwabafundi izinto zabo ezimqoka okubandakanya imifaniswano (okungamajezi), izikhaftini zokudla kwekhefu, ama-calculator nokunye - kwase kuvunyelwana ngokuthi lesi sinyathelo singasiza kubhekwe phambili,” kusho umthombo.

Kuvele ukuthi kuthe ngoMsombuluko nangoLwesibili, labo thisha ababalelwa ku-20 banqume ukungalubhadi emsebenzini bekhala ngesenzo sikathishanhloko, okuvela nokuthi sebefuna nokuthi amiswe noma axoshwe emsebenzini ngoba abahambisani nesenzo sakhe, abakhala ngokuthi kwakumele ukuthi abonisane nabo kuqala andukuba kwenziwe lokho.

Kuthiwa okwenza ukuthi isimo singalungiseki kalula, yize udaba seluhambe lwaze lwafika nakwaboMnyango wezeMfundo - wukuthi isigungu esilawula ukusebenza kwesikole simi nothishomkhulu kulokhu, okudala ukuthi kube nokungqubuzana okukhulu nalabo thisha.

NgoLwesithathu ntambama, kusabalale incwadi yomhlangano ophuthumayo wabazali, abebebizelwe ukuthi kuzobhungwa ngalolu daba izolo, ngenhloso yokuzama ukuthola isisombululo sokuthi uhlelo lokufunda nokufundisa luqhubeke ngendlela ejwayelekile.

Leli phephandaba lizame kaningi ukuxhumana nomunye wamalungu esigungu esilawula ukusebenza kwesikole, uNksz Nomonde Matumtum, obethembise ukuthi uzolilandisa ngakho konke okwenzekayo nokuzokwenzeka ukulungisa lesi simo.

Nokho lize lashona elayizolo uNksz Matumtum engasifezanga isithembiso sakhe, obekuthi uma elokhu ezanywa ngocingo nangemiyalezo kwiWhatsApp wakhe - akhale ngokuthi usabambeke emhlanganweni wesibili wokubhunga ngalo lolu daba.

UMnyango wezeMfundo awutholakalanga ukuze ucacise ngenqubo yamakhamera ezikoleni.