IBAMBA likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uSolwazi Firoz Cachalia
Image: SIGCINIWE
IBAMBA likaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSolwazi Firoz Cachalia, lidalule ukuthi izinga lokubulawa kwabantu ezweni lehle ngo-8.7% ekoteni yesithathu ka-2025, kwathi izibalo zobugebengu ngokwehlukana kwakho sezizonke zona zehla ngo-6.7% ngaleso sikhathi.
UCachalia ubekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesihlanu ezokwethula umbiko ngobugebengu ezigamekweni ezibikiwe phakathi kuka-Okthoba 1 kuya kuDisemba 31, 2025.
UNgqongqoshe uthe isinqumo sokushicilela izibalo zobugebengu ezweni ngamakota siyindlela kahulumeni yokuzibophezela ukubeka obala konke okuthinta ubugebengu, nakho konke okwenziwayo ukuzama ukulungisa isimo.
“Kudingeka ukuthi abantu bakithi bazi ukuthi zingaki izigameko zobugebengu ezibikwayo emaphoyiseni nsuku zonke, nokuthi kubonakale ukuthi ukhona yini umehluko - okungaba ubungcono noma ukonakala kwesimo. Futhi senzela nokuthi umphakathi, abamabhizinisi nabantu bonke, bakuqonde okwenzekayo ezindaweni abakuzo,” usho kanje.
Uthe nakuba amacala amaningi obugebengu okubulala, ukudlwengula, ukuphanga nokugqekeza eqhubeka nokwehla, kodwa akwamukelekile ukuthi asaqhubeka nokuba wuhlupho kubantu nsuku zonke.
Udalule ukuthi amacala okubulala akhombise ukwehla kakhulu, njengoba ehlile futhi ngonyaka wezimali ngo-2023/24. Kulokho ehle ngo-8.7% okusho ukuthi ehle ngezigameko eziwu-602.
Ubugebengu bubonke bona behle ngo-6.7% okusho ukuthi izigameko zabo zehle ngeziwu-12 682, okwenze ukuthi kule minyaka emibili edlule sebubonke ubugebengu behle ngo-8.3%, okusho ukwehla ngezigameko eziwu-15 763.
“Nokho kumqoka ukucacisa ukuthi nakuba lezi zibalo zokwehla kobugebengu kanjena ziwumehluko omuhle, kodwa futhi akukalungi nhlobo njengoba kusenenqwaba yezindawo ezahlukene lapho kukhomba ukwanda khona ubugebengu,” usho kanje.
Eqhuba, uthe kubathokozisile ukwehla kakhudlwana kwezigameko zobugebengu bokubulala ezifundazweni ezinhlanu okuyiKwaZulu-Natal, Gauteng, Mpumalanga, Free State neNorth West. NaseWestern Cape ne-Eastern Cape kuthe ukwehla; kwakhuphuka kancane eLimpopo naseNorthern Cape.
UCachalia uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezigameko zokubulawa kwamaphoyisa, okuvele ukuthi u-80% wazo owamaphoyisa abulawe engekho emsebenzini.
“Lena yinkinga enkulu nesenginqume ukuthi ngibambisane nophiko lwamaphoyisa ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwazo. Okunye okusikhathaza kakhulu yizibhamu ezisetshenziselwa ukubulala, ukuphanga nokwenza ubugebengu obuhleliwe. Yingakho sizothatha izinyathelo zokuthi lezo zibhamu zitholakale futhi kugwenywe ukuthi ziwelele ezandleni ezingafanele,” kusho uCachalia.
Mayelana nezigameko zokuhlukumeza okweyamene nobulili nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, osekuvele kumenyezelwe ukuthi kuyinhlekelele ezweni - uCachalia uthe sekuvele kunemizamo abaphezu kwayo yokuthi kulungiswe futhi kugwenywe ukubhebhetheka kwakho.
Udalule nokuthi ngoMashi 6 bazoba nomhlangano nezinhlaka ezahlukene ezibhekele ubugebengu ezweni ukuze kubhungwe ngezinye izindlela zokunqanda ubugebengu ezweni.
“Luselude uhambo okumele siluhambe ukulwa nalesi simo, futhi siyathembisa nokuthi ngeke siliphose ithawula kuze kube wukuthi siyayinqoba le mpi ezweni ngoba inhloso yethu wukuthi iNingizimu Afrika kugcine kuyizwe okuphephile ukuba kulona,” kusho yena.
Related Topics: