Izindaba

Kukhalwa ngesibhedlela ngoshone ekhala ngomiyane

Simangaliso Ntshangase|Published

UPHUME enjena engalweni esibhedlela iDundee Provincial, uNksz Martha Mlangeni ekhala ngomiyane okuthiwa bagcwele esibhedlela, nokugcine kumenela eselulamela ekhaya

Image: SITHUNYELWE

UMNDENI wowesifazane waseGlencoe, ukhomba ngenjumbane ubuholi besibhedlela iDundee Provincial, eDundee, ngobudedengu osola ukuthi buholele ekushoneni kwelungu lawo, uNkk Martha Mlangeni.

Lokhu kushiwo yindodana kaNkk Mlangeni (71), uMnuz Siphiwe Dube, okhala ngokuthi impatho nesimo esingesihle kulesi sibhedlela ngesinye sezizathu abona ukuthi siholele ekutheni kushone unina, odlule emhlabeni esesekhaya ngoMsombuluko.

Elandisa ngokushona kukanina, uDube uthe “intombi emzalayo” yangeniswa kulesi sibhedlela ngoFebhuwari 5  ixinwe wukugula okweyamene nezinso, okuthe isingaphakathi kwangaba kuhle neze ngenxa yokuthi isimo sesibhedlela asigculisi sinenkinga yokuthi asinawo amanzi, okwenza ukuthi amathoyilethi angasebenziseki.

“Umama ukhale kakhulu nangomiyane abagcwele emawodini esibhedlela okuhambisana nokuthi kwenile kakhulu emagcekeni esibhedlela, futhi kubukeka kungekho muntu ozimisile ngokuthi asukumele leyo nkinga.

UPHUME enjena emilenzeni esibhedlela iDundee Provincial, uNkk Martha Mlangeni ekhala ngomiyane okuthiwa bagcwele esibhedlela, nokugcine kumenela eselulamela ekhaya

Image: SITHUNYELWE

“Leso simo siphoqe ukuthi umama aze acele ukudedelwa izinsukwana ayolulamela ekhaya ngoFebhuwari 13 ngoba engasakwazi ukubekezela, kanti kuzothi esesekhaya ashone. Bekumele abuyele esibhedlela ngoLwesibili, usho kanje.

Eqhuba, uthe ukholwa wukuthi ukube isimo sesibhedlela besigculisa ngabe mhlawumbe unina akafanga, ngoba ubengeke acele ukuthi adedelwe ayolulamela ekhaya izinsukwana ukuba konke bekuhamba kahle esibhedlela.

“Okunye okungiphatha kabi kakhulu wukuthi ngenkathi umama esalulamela ekhaya ngizamile kaningi ukuxhumana nabesibhedlela. Bengizama ukuthola ukuthi kungani isimo esinjena bengasisukumeli ngoba phela sibeka engcupheni impilo yeziguli - kepha bavika ngokuthi abanayo imali yokulungisa izinto ezonakele esibhedlela. Lokho kukhombe ngokusobala ukuthi abayikhathalele impilo yeziguli,” kusho uDube.

Uthe kuyadumaza ukuthi isibhedlela esikhulu nesidala kangaka futhi esiwusizo emphakathini waseDundee, Glencoe, Newcastle nakwezinye izindawo ezakhele iDundee - kubukeka singenandaba nenhlalonhle, ukuphepha nokuhlanzeka okubalulekile ezigulini ezelashelwa khona.

“Ngifisa ukuthi kube nezinyathelo ezithathwayo ngalesi simo ngoba asikwazi ukuqhubeka sisebenzise isibhedlela esisesimeni esishayisa amahloni ngale ndlela. Lesi simo senza ukuthi singakhululeki ukuyisa abathandiweyo bethu bayokwelashelwa kusona,” usho kanje.

Kuthintwa okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Nathi Olifant, ukuzwa ukuphawula kwabo ngalolu daba, ushaye ngezimfishane wathi uMnyango awukwazi ukuphawula ngodaba oluthinta isiguli esishonele ekhaya, hhayi esibhedlela. Ebuzwa ngesimo sesibhedlela, uthe bewuMnyango abakwazi ukuphawula ngalokho.