Izindaba

Kutholakale amakhemikhali anobungozi kumaqakelo abesifazane

Nonkululeko Nhlapo|Published

Abacwaningi bathole amakhemikhali anobungozi

Image: Pexels

Ucwaningo, olushicilelwe ku-Science of the Total Environment, luthole ukuthi yonke inhlobo yamaqakelo abawahlolile okungama-sanitary pad kanye ne-pantyliner aqukethe okungenani amakhemikhali amabili aphazamisa i-endocrine (EDCs). 

Abacwaningi bahlaziye izinhlobo ezingu-16 zama-sanitary pads kanye nezinhlobo eziyisishiyagalombili zama-pantyliner athengiswa ezitolo ezidumile zaseNingizimu Afrika, ahlanganisa amanani entengo futhi okuhlanganisa nemikhiqizo ekhangiswa “njengesebenzisa izithako zemvelo”, “ezisekelwe ezitshalweni” noma “ezingenawo amakhemikhali ayingozi”.

Okutholakele kubonise ukungcoliswa okusabalele kuyo yonke imikhiqizo ehloliwe. Abacwaninhi bahlole amakilasi amathathu amakhulu ama-EDC - ama-phthalates, ama-bisphenols (okubandakanya i-bisphenol A, noma i-BPA) nama-parabens. Iphedi ne-panty liner ngalinye bekuqukethe okungenani amakhemikhali amabili.

"Ama-EDC, afana nama-phthalates, ama-bisphenols nama-parabens, asetshenziswa kakhulu emikhiqizweni yabathengi futhi ahlotshaniswa nobuthi bokuzala, ukuphazamiseka kokulingana  kwama-hormon kanye nomdlavuza," kuphawula ucwaningo.

"Imikhiqizo yokuya esikhathini imelela into engase ibe khona kodwa engaziwa kangako. ENingizimu Afrika, izinhlobo eziningi zikhangisa ngokuthi azinawo amakhemikhali ayingozi, kodwa ucwaningo oluncane luqinisekise ukuthi imithombo ye-EDC engaba khona."