Izindaba

Libizwe ngonodoli ikhansela le-ANC kubhikishwa

Nkosikhona Cele|Published

BEKUGCWELE amabhodlela kanjena phansi ngesikhathi kuvalwe umgwaqo kuWard 1 KwaXimba, izolo emkuseni, kukhalwa ngekhansela le-ANC, uMnuz Thembo Ntuli.

Image: SITHUNYELWE

UVUTHA ungabaselwe umphakathi waku-Ward 1, KwaXimba, osola ikhansela lakule ndawo eliyilungu eliqavile le-ANC, uMnuz Thembo Ntuli, ngokugqoza kwentuthuko njengoba usugcine ngokulibiza ngonodoli wokudlala odado.

Lo mphakathi obucasuke kakhulu, uvuke ekuseni izolo, wavala umgwaqo kwaphazamiseka namatekisi abethutha abantu, ukhala ngenkinga yamanzi nogesi.

IKHANSELA le-ANC kuWard 1, KwaXimba, uMnuz Thembo Ntuli

Image: SITHUNYELWE

Umphakathi ubulimisa ngesihloko elokuthi usukhathele yikhansela lekule ndawo olisola ngokuthi lingunodoli ohlobisile esikhundleni.

Umphakathi obukade udinwe uthelwe ngezibonkolo, ubukade uphethe izikhali okufaka phakathi izando, ocelemba, izimbazo nokunye okuningi. Emgwaqweni bekunenqwaba yamabhodlela, imfucuza nezihlahla futhi kushiswa nomlilo.

Isolezwe lifike kume izimoto phakathi nomgwaqo omkhulu, kukhona nabebesagawula izihlahla beziphonsa phakathi nomgwaqo. Abanye bebememeza igama likaNtuli maqede bamchaphe ngenhlamba.

Kubona lobo mnyama kukhona abebebuza ukuthi kambe ubani ikhansela lakule ndawo, kubonakala ukuthi bayabhinqa.

"Wena uyalazi ikhansela laku-Ward 1?'' kubuza omunye sakubhinqa. Kuphendula omunye: "Omunye nje unodoli ohola mahhala."

Bacele ukukhuluma neSolezwe bezifihle amagama abo. Omunye wabo ulimise ngesihloko elokuthi baqalekiswa ngokuthi ikhansela labo kube nguNtuli kule ndawo.

''Uma ekhona uNkulunkulu angazi ukuthi wakuvuma kanjani ukuthi lo muntu kube nguyena ikhansela lethu kule ndawo. Ibuhlungu kabi impilo lo muntu asiphilisa yona. Siyaqala ukuthi kule ndawo ikhansela kube unodoli onje,'' usho kanjena.

Kunanele omunye wathi bona abasazi ukuthi yini abangayenza ukuze ikhansela lizihluphe ngezidingo zabo.

"Omunye umuntu lo owabekwa waba yikhansela kule ndawo. Sengiqala nokungabaza ukuthi wake wasicabangela,'' usho kanjena.

Laba ebebebhikisha babuye bakhala ngokuboshwa kukaMnuz Sizwe ''Bee" Khanyile, bemchaza njengoMsamariya olungileyo okwaziyo ukubatakula njalo uma kunezinkinga.

Bathe kodwa njengoba eboshiwe nje, unqindwe amandla kwathiwa njengoba esephume ngebheyili makangazihlanganisi nezinto zomphakathi. 

Nakulona futhi lolu daba lokuboshwa kwakhe, basole uNtuli bathi nguyena ongemuva kwetulo lakho ngoba ebona ukuthi uzombhincisela nxanye uma sekusondela ukhetho lohulumeni basekhaya.

Ethintwa uNtuli uveze ukuthi usebuya khona kulaba ebebebhikisha bevale umgwaqo.

"Sengibuya kubona ngakhuluma nabo. Okungixakayo ukuthi laba bantu kade sinomhlangano nabo - kungekudala - sikhuluma ngalo lolu daba,'' echaza.

IBHUHOLO eliwelela kwesinye isigodi belivalwe ngezihlahla embhikishwe waKwaXimba

Image: FACEBOOK

Uthe akanankinga nalaba abambiza ngonodoli ngoba wonke umuntu abantu bambiza ngamagama uma esefulathele.

Mayelana nodaba lwenkinga yamanzi nogesi, uthe emasontweni amabili edlule uke waba nomhlangano namalungu omphakathi kuzobhungwa ngayo inkinga yamanzi lapho athe bekukade kufike khona esinye sezikhulu zamanzi kuMasipala waseThekwini.

Uzishaye isifuba ngokuthi akukho angakwenzi uma kukhulunywa ngezidingo zomphakathi. Uthe abambiza ngonodoli bamane bayazisholo nje. Mayelana nezinsolo zokuthi uyena obophise uKhanyile, uthe kungamampunge lokho, wathi labo bamane bayazihhumela nje.

Uthe yena akadingi ukuthi kuze kube khona abantu ababophisayo ukuze anqobe ukhetho, wathi uyazethemba nje selokhu azalwa uyise nonina.

Ebuzwa ukuthi uyazi yini ngokuboshwa kukaKhanyile, uphendule ngokuthi ugcine ngokubona nje ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bakhe bethukuthele bekhala ngokuboshwa kwakhe.

UMPHEME wesitombi uthathwe wabekwa ebhulohweni lokuwela izimoto nabantu embhikishweni wezidingo KwaXimba izolo

Image: FACEBOOK

Ugcizelele ukuthi akukho angakubanga noKhanyile ngoba uyena ikhansela lakule ndawo, hhayi omunye umuntu. Nakuba ekhuluma kanjena uNtuli kodwa kukhona omunye okhale waze wazibhongqa phansi ebiza igama likaKhanyile, ebuza ukuthi ukephi izinto zibheda nje?

Ethintwa uKhanyile, uthe akukho azokusho mayelana nezinto ezithinta igama lakhe eziqhubeka KwaXimba.

Sekuwumlando ukuthi kuhlale kunomsindo KwaXimba uma sekusondele ukhetho lwamakhansela. UNtuli ungene esikhundleni emva kokubanga noMnuz Musa Mkhize ogcine eseqembukela kwiMKP. UMkhize wangena esikhundleni ngemuva kombango owawushisa phansi phakathi kwakhe noMnuz Susimpi Ngubane owayeyikhansela phambilini.

Kuvele ukuthi ngenxa yesiteleka, abantu abaningi KwaXimba namaphethelo bagcine bengakwazanga ukufinyelela emsebenzini. Kuthiwa abanye basebenzise izindlela ezijikelezayo ezinqamula kwezinye izigodi ezakhelene nale ndawo ebuswa yiNkosi uNgaye Mlaba.

KWENYE indawo bekushiswa imfucuza kuvalwe emgwaqo umphakathi waKwaXimba ubhikishela ikhansela, uMnuz Thembo Ntuli

Image: FACEBOOK