Izindaba

Bavele babhocobala begixabezwa odilikajele abasoconga uthishanhloko

Nkosikhona Cele|Published

UMUFI owayenguthishanhloko waseSikhethuxolo High, uMnuz Busani Khomo, owabulawa ngokudutshulwa

Image: SITHUNYELWE

INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu, izolo, ibagixabeze ngodilikajele abesilisa ababili abebethweswe wuMbuso icala lokusoconga uthishomkhulu wasesikoleni saseHammarsdale, iSikhethuxolo High.

UMnuz Busani Khomo (57) wadutshulwa wafa engaphandle kwesikole ngoDisemba 5, 2024.

Kuthiwa ababulali baqala bakhuluma naye kwathi emva kwalokho bavulela ngenhlamvu baze bamqedela ngisho eselele phansi.

Phambilini, kwavela ukuthi umufi wayezifela nge-ANC futhi eyilungu lokuqina lenyunyana yothisha, iSadtu.

UBheki ''Mabhiza'' Dube (28) noSibonelo Sibiya (27)  babonakale bebhocobala ngesikhathi iJaji uNontuthuzelo Mlaba limemezela ukuthi libagixabeza ngesigwebo sikadilikajele umuntu ngayedwa.

IJaji likhale kakhulu ngesihluku esakhonjiswa yilaba ngesikhathi besoconga umufi, labalula nokuthi laba ababili abazange bakhombise ukuzisola ngesikhathi kuqhubeka icala.

Liqhubeka iJaji, libasole ngokugweva nolwazi olumayelana nofishi omkhulu elithe uyena ngqondongqondo wetulo lokusocongwa kukamufi.

''Ukuthula kwenu kuze kube kufika lesi sikhathi kuveza ngokusobala ukuthi aninendaba kangakanani nomndeni futhi nikhethe ukufihla ulwazi olubalulekile nize nigwetshwe," kusho ijaji.

Lithe izigwebo zalolu hlobo zimqoka kakhulu ngoba zinikeza isithombe esigcwele nesisobala sokuthi izinkantolo ziyakwazi ukubajezisa labo abenza okubi, bephuca abanye ilungelo labo lokuphila. 

Inkantolo isebenzise kakhulu ubufakazi obethulwa ngumfanyana omncane owakhipha ingonyuluka, egeqa amagula enkantolo ngokusuka nokuhlala kwesigameko, ethi wababona ababulali bemdubula uthishomkhulu etshela nenkantolo ukuthi futhi wabezwa bekhuluma.

Enkantolo kuvelile ukuthi benza lo msebenzi besakhokhelwe ingxenye yenkokhelo ewu-R50 000. Kuvelile ukuthi ikhona enye imali ababesazoyithola ngomsebenzi wabo.

Umfowabo kamufi omdala, uMnuz Mvunge Khomo, uthe bajabule ngesigwebo esinikezwe ababulali.

"Sijabule ukuthi inkantolo ikhethe ukumane ibagixabeze ngesigwebo sikadilikajele. Lokhu kusiduduzile njengomndeni,'' usho kanjena.

Uthe kodwa namanje akukaveli ukuthi wobani ababathuma, wathi bakhathazekile kakhulu ngokuthi ubhongoza akakatholakali.

''Kumele sithole ukuthi ngubani owabathuma, uma kungenzeka lokho konke ngabe kugcwalisekile,'' usho kanjena.

Phambilini ekhuluma neSolezwe, uKhomo wababaza ukulunga kukamufi wamchaza njengenjini yomndeni wakwaKhomo.

"Wayelungile loya muntu futhi esiza bonke abantu. Angazi ngempela ukuthi umuntu onjengaloya ubulawa kanjani?'' washo kanjena.

Wamncoma ngendlela eyeyazisa ngayo imfundo wathi wayekhipha amangwevu njalo efuna ukuqinisekisa ukuthi bashaya into ecokeme abafundi bakaGrade 12 bakulesi sikole.

Esanda kushona ezinkundleni zokuxhumana, abafundi abaningi abake bafunda kulesi sikole bebebabaza ukulunga kwakhe bencoma nendima ayiklamile ekuthuthukiseni ezemfundo.

Babelimisa ngesihloko elokuthi ufe olwembiza umphakathi waseHammarsdale ngokubulawa kukaKhomo.