Emakhazeni
Image: Chris Collingridge / Independent Newspapers
OWESILISA waseCopesville, eMgungundlovu, ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke amngcwabe uyise ngoba akazange amondle futhi akazange amphathe kahle esadla anhlamvana.
UMnuz Zakhele Cindi (43) utshele Isolezwe ukuthi akafuni nokuyizwa nje into ezomhlanganisa nokuthi kumele angcwabe uyise ongasekho, uMnuz Khipha Chonco (72).
Usola uyise ngokuthi esadla anhlamvana wahluleke wancama ukuba ubaba oqotho empilweni yakhe.
Uthe kuyimanje sekuphele inyanga golokoqo siduve emakhazeni kahulumeni isidumbu sikayise. Uthe lokhu kudalwa wukuthi bekubhekwe ukuthi njengoba kunguyena omdala kubo kube khona akwenzayo ukuze afihlwe ngesizotha.
Uthe wumsangano wento lowo, ngeke ayenze noma ngabe kuthiwani kuyena. Uthe akakholwa wukuthi kukhona umuntu ongaqhamuka amguqule umqondo, wathi ngisho umuntu ovela ezulwini ngeke akwazi ukumenza acabange ngenye indlela.
''Angifuni nokuyizwa nje indaba yokuthi kumele mina ngingcwabe le ndoda. Ngingangcwaba umuntu ongenzeleni nje esaphila. Ngingamngcwabelani nje ngempela umuntu ohlulekile wukubona ukuthi unendodana esaphila. Kuzothi ke manje ngoba nakhu engasekho bese kulindeleka okuhle okuvela kimina ekubeni yena engazange akulethe okuhle okuza kimina esaphila. Lutho ngeke kwenzeke lokho,'' kugcizelela uCindi.
Uveze ukuthi indlela isimo ebesibucayi ngayo phakathi kwakhe noyise kuze kwafika lapho uyise enza khona incwadi yesivimbelo.
''Lo muntu wahamba wayokwenza incwadi yokuthi ngingalinge ngisondele kuyena. Yini ke pho ezodala ukuthi ngisondele manje ngoba engasekho. Ngeke kuze kwenzeke kanjalo namanje ke angikwazi ukusondela kuyena njengoba naye ayekade efisa esaphila,''usho kanjena.
Eqhuba uthe uyise akukho nokukodwa nje obekukhombisa ukuthi unendodana endala.
''Sengize ngaba mdala ngaba mngaka ngiyindoda manje lo muntu angikhumbuli nje eba ngubaba kimina. Kodwa manje sekufanele ngibe yindodana enhle kuyena,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi uyise ubengasasebenzi esephila ngemali yesibonelelo sikahulumeni ngoba wahlaselwa yisifo sohlangothi.
''Angikhathali ngisho noma kungaphela isikhathi esingakanani eduve emakhazeni akukho nje lapho engingathi ngiyathinteka khona ngabe ngiqamba amanga aluhlaza, empeleni nje akukho okungihlanganisa nalolu daba lokuhamba kwakhe emhlabeni,'' kuchaza yena.
Uveze ukuthi uyise akamondlanga futhi akazange azihluphe nangokuthi babe nobudlelwane bukababa nendodana.
''Lo muntu ubengenandaba nokuthi ngikhona. Indlela abengenandaba ngayo kwamina ibibuye ingithuse lokhu okwangempela futhi,'' kusho yena.
Uveze ukuthi ngaphambi kokuba ashone uyise uke waxoxa naye embuza ukuthi kungani engabuyi emqashweni azohlala nomndeni wakhe.
''Akazange angiphendule ngempendulo eqondile, kodwa wawubona nje ukuthi kufana nokuthi ngiyadlala uma ngimtshela lokho,'' kuchaza yena.
Uveze ukuthi uyise ubephila ngokuhamba eqasha nje engumantuntanendishi angafuni ukuhlala nezingane zakhe azinze.
Udalule ukuthi uyena omdala kodwa zikhona nezinye izingane abenazo. Uthe zona wayebuye azilekelele ngezinye izinto ezincane.
Ugcizelele ukuthi uyokhohlwa efile ukuthi wazalwa yindoda engenandaba nezingane zayo. Uveze ukuthi akanawo nomazisi ngoba uyise akazange amenzele. Uthe uziphilisa ngokulima bese edayisa.
Ngokwakhe ukube uyise wenza umsebenzi kababa ngabe kukhulunywa ukuthi uzofihlwa ngesizotha futhi isidumbu sakhe besingeke siduve emakhazeni inyanga yonke.
Uphethe ngokuthi kodwa akukho okungenziwa akaqhubeke aduve emakhazeni kuyobonakala isigcino.
Ngokukahulumeni, ezingeni lomasipala, umuntu ongenabani uye angcwatshwe ngokohlelo oluyisipesheli uma engaziwa wumuntu. Kwenzeka lokhu nje, kusanda kuvela ukuthi kunenqwaba yezidumbu eziduve emakhazeni ahlukene kahulumeni.
Related Topics: