Izindaba

Sinyukile isibalo sabantu abasebenzayo kodwa...

Mhlengi Shangase|Published

Risenga Maluleke

Image: Oupa Mokoena/Independent Newspapers

PHEZU kokuba sinyukile isibalo sabantu abasebenzayo kuleli kodwa siphinde sanda isibalo sabantu asebelahle ithemba lokuthi bayoke basebenze.

Lokhu kuvezwe yiStatistician-general, uMnuz Risenga Maluleke,  izolo ngenkathi ekhipha izibalo zekota yesine yonyaka, zezinga lokungasebenzi kuleli.

UMaluleke uveze ukuthi izinga lokungasebenzi lehlile laya ku-31.4% lisuka ku-31.9%, ezinyangeni ezintathu zokugcina zangonyaka odlule, okuyikota yesine.

"Sinyuke ngo-44 000 isibalo sabantu abasebenzayo kuleli ekoteni yesine yonyaka. Sebengu-17.1 million, abantu abasebenzayo. Isibalo sabalahle ithemba ngokuthi bazowuthola umsebenzi sinyuke ngo-233 000, okusho ukuthi sebengu-3.7 million," usho kanje.

Uthe kodwa kunenhlansi yethemba njengoba kancane kancane sinyuka isibalo sabasebenzayo.

Uveze ukuthi nyakenye, izinga lokungasebenzi linyuke ekoteni yokuqala lapho abantu abangu-29 000, balahlekelwa wumsebenzi.

"Iyasikhathaza eyezinga eliphezulu lentsha engasebenzi. Umsebenzi usatholwa abantu abadala kunentsha. Intsha eneminyaka engu-15 kuya ku-34, kusenzima ukuthi ithole umsebenzi uma uqhathanisa nabantu abakhulile. Kumele kwaziwe ukuthi uma sekwanda abantu abasha abasebenzayo, lokho kuyobe sekusho ukuthi izinto seziqala ukulunga," usho kanje.

UMaluleke uthe linyuke laya ku-43.8% izinga lentsha engasebenzi kuleli. 

Izibalo ziveze ukuthi umkhakha okuqashwe kuwona abantu abaningi owezokwakha ngabangu-35 000 nowemali ngo-32 000.

Izinga lehle emkhakheni wezohwebo nezezimayini.

"Izifundazwe okukhule isibalo sabasebenzayo yiseWestern Cape ngabangu-93 000, iMpumalanga ngabangu-37 000, iNorth West ngabangu-36 000 neNorthern Cape ngabangu-17 000. Izinga lehle eGauteng ngabangu-54 000, KwaZulu-Natal ngabangu-41 000 ne-Eastern Cape ngabangu-32 000." 

UMaluleke uqhathanise ikota yesine yango-2015 neyango-2025, eveze ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi sikhule sisuka ku-5.2 million, saya ku-7.8 million.

"Intsha engu-3.5 million kwengu-10.3 million eneminyaka engu-15 kuya ku-24, ayisebenzi futhi ayifundi, okuseyinselelo izwe elibhekene nayo."