UMCULI osamncane kamaskandi, uMnotho Majola okhiphe i-Album yakhe yokuqala
Image: SITHUNYELWE
INKANDLA enhle ngokuziholela isiphinde yapheka elinye ijongo emculweni kaMaskandi. Kulokhu sikhuluma noMnotho Majola (21) okulindeleke ukuthi adedele umsebenzi wakhe wokuqala ngoLwesihlanu emcimbini ozobanjelwa e-Albert Park, eThekwini.
Leli ciko elingaphansi kwenkampani, uMbuso wamaCiko lithi likuthakasile kakhulu ukudedela i-albhamu yayo yokuqala osihloko sayo sithi, Stop and Go, ebunjwe ngezingoma ezingu-12.
Uthe usebenze ngokuzikhandla epheka lomsebenzi futhi ubeseqalile nokuzakhela igama ngenhloso yokuzuza inhliziyo yabathandi bomculo kaMaskandi ezinkundleni zokuxhumana. Uthe akanakho nokuncane ukungabaza ngokuthi abalandeli bazobhema bakholwe.
''Ngizinikeze isikhathi esanele ngiyipheka. Lokhu ngikwenze ngoba bengihlose ukuthi ngingalenzi iphutha lokuba ngiphoxe abalandeli abathanda umculo kamaskanda. Ngifuna ukuthi uma bephuma beyothenga ezitolo bangabi nokuncane nje ukuzisola ngale albhamu,''usho kanjena.
Nakuba kuyi-Album yakhe yokuqala lena, uthe uke wakhipha i-EP enezingoma ezingu-7 ekupheleni kuka-2024. Uthe kulokhu ubone kungcono ukuba amane enze i-album ephelele.
Uyazifela ngalolu hlobo lomculo wathi ujabule ngoba seliyafezeka iphupho lakhe lokuba ngomunye wabaculi bakaMaskandi.
''Ukucula lolu hlobo lomculo kuyinto engizifelayo kakhulu ngayo. Kimina kusho lukhulu kabi nje ukuthi ngampela sengiyangena ngiba uyena umculi kamaskandi, Ngibonga kakhulu uNkulunkulu naboMbuso wamaCiko ngokuqinisekisa ukuthi liyafezeka ngampela iphupho lami,'' kuqhubeka yena.
Uveze ukuthi eminyakeni eyisihlanu kuya kweyishumi kusuka manje ufuna kukhulunywe indaba yokuthi usekhule ngokwanele emculweni. Lokhu uthe ukholwa ukuthi nakanjani kuzokwenzeka inqobo nje uma eqhubeka nokuzikhandla ngaso sonke isikhathi.
Ufisa ukubona ihamba ezitolo i-album yakhe ngenxa yokuthi abantu bazobe bekhombisa ukuyithakasela okukhulu.
''Mina ngikholwa ukuthi uma ungumculi kumele usebenze kanzima ukuze wenze lokhu abantu abakubhekile kuwena. Akumele ubaphoxe abantu abangabalandeli balolu hlobo lomculo, yingakho nje nami ngenze konke okusemandleni ami,''usho kanjena.
Uveze ukuthi zikhona nezinye izingoma ezikhona azifelayo ngazo kule-album okufaka phakathi ethi : "SMS AFTER SMS.''
Lizokwesekwa yizintandokazi ijongo laseNkandla lidedela i-albhamu yokuqala
Image: Sithunyelwe