Stanley Moloabi
Image: Aubrey Kgakatsi/BackpagePix
UKUBHUBHUDLA, ukuxhaphaza nenkohlakalo eyenziwa abasebenzi bakahulumeni yikhona okwenze kwanyuka imali abayikhokhela i-medical aid, i-Government Employees Medical Scheme (GEMS).
Abanye babasebenzi kuthiwa bayisebezisa ngendlela engafanele i- medical aid, balalise ezibhedlela ezizimele izihlobo zabo ezingakhaviwe ngaphansi kwesikhwama.
Lokhu kuvezwe yiPrincipal Officer yakwaGEMS, uDkt Stanley Moloabi, emuva kwezikhalo zezinyunyana zabasebenzi bakahulumeni, ezichitha ukunyuswa kwemali ekhokhwa abasebenzi.
Ekhuluma neNewzroom Afrika izolo, uMoloabi ubale ukuxhashazwa ngokweqile kwe-medical aid okwenziwa abasebenzi njengenye yezinto ezenza ukuthi banyuse imali. Ngo-2025 iGEMS yanyusa imali ngo-13.4%, kanti kulo nyaka inyuke ngo-9.8% kusuka ngoJanuwari.
"Minyaka yonke siyayinyusa imali njengoba kwenzeka nakwamanye ama-medical aid. Sikhokhe imali ephindiwe kunale esasiyihlelile nyakenye ngenxa yokunyuka kakhulu kwezindleko zalabo esibakhavile. Abasebenzi bayayixhaphaza i-medical aid kanti abanye benza nenkohlakalo," usho kanje.
Uthe ngeledlule uthole ucingo luvela kwesinye isibhedlela esizimele, mayelana nenkohlakalo eyenziwe omunye okhavwe yiGEMS.
"Abakulesi sibhedlela baveze ukuthi ilungu lethu, lilalise ilungu lomndeni walo elingakhaviwe nge-medical aid yalo. Ngebhadi leli lungu lishonile, kwaqala inkinga ngokuthi alikhaviwe. Ziningi nezinye izinto esingazibala ezenziwa amalungu ethu asebenzisa budedengu i-medical aid, okungezinye zezinto ezenza sinyuse imali," kuqhuba uMoloabi.
Ubale nemishanguzo yezifo ezithile ebizayo athe iyona eyenza banyuse imali.
"Kunemishanguzo yomdlavuza, engabiza cishe isigidi ngonyaka umuntu ngamunye esiyihlinzeka amanye amalungu ethu. Lokhu ngezinye zezinto ezenza ukuthi sinyuse imali ngoba iyabiza kakhulu. Siphinde sakhokha imali engaphezulu ngo-R2.4 billion, kunaleyo ebesiyihlelile ngenxa yokunyuka kakhulu kwezindleko ngonyaka odlule. Uma singanyusi imali ekhokhwa abasebenzi, lesi sikhwama sizowa bhu."
Uthe bayazwelana nabasebenzi kodwa abanayo enye indlela ngaphandle kokuthi banyuse imali.
"Uma usiqhathanisa namanye ama-medical aid akuleli, sisashibhe kakhulu kunawo. Njengoba sihlale senza siluxoxe nezinyunyana ngonyaka odlule olokunyuswa kwemali, nangoDisemba besihlangana ngalolu daba ngoba yinto edingeka ukuthi siyenze ngokomthetho. Asikwazi ukuyiziba, singayinyusi imali."
Uthe baqala banyusa imali ngo-9.8% ngoJanuwari, base beyehlisa kusuka kule nyanga yaya ku-9.5%.
"Imali izonyuswa ngo-9.5%, izinyanga ezingu-11, yinye kuphela inyanga okuwuJanuwari lapho abasebenzi bekhokhe khona u-9.8%. Siye nasemkhandlwini wama-medical aid, iCouncil for Medical Schemes, siyowazisa ngokuthi sizokwehlisa imali emva kwezikhalo zezinyunyana," usho kanje.
Uthe ziyaqhubeka izingxoxo nezinyunyana mayelana nokunyuswa kwemali. Ngakolunye uhlangothi izinyunyana ziphaka impi ziyibhekise kwiGEMS njengoba zifuna yehliswe le mali.
Lezo ezingaphansi komfelandawonye iCosatu, zizozwakalisa ilaka lazo ngombhikisho emahhovisi eGEMS ezifundazweni ngoFebhuwari 24. NgoFebhuwari 26, 2026, kuzoba nombhikisho obheke ekomkhulu lamahhovisi e-GEMS ePitoli.
Lezo ezingaphansi kweFedusa, ayizikhokheli ezinye izinto kanjalo nemishanguzo ezibhedlela ezehlukene. Kanti nabanye abasebenzi basolwa ngokuxhaphaza i-medical aid ngokuthenga ezinye izinto okungeyona imithi nemishanguzo kwamanye amakhemisi.