UMNUZ Cyril Ramaphosa utuse amagalelo esishoshovu somzabalazo esingasekho, uMfu Jesse Jackson, ngamagalelo aso emzabalazweni wenkululeko yakuleli
Image: SIGCINIWE
AMAZWI enduduzo alokhu engene njalo kulandela ukudlula kwesishoshovu somzabalazo sase-United States of America (USA), uMfu Jesse Jackson, esidlule emhlabeni sino-84.
Lesi sishoshovu se-American Civil Rights Movement, sabamba iqhaza emzabalazweni wamalungelo. Izindaba zokushona kukaJackson zidalulwe wumndeni ngesitatimende osenze eChicago, Illinois. Isitatimende sithe uJackson ushonele phambi komndeni waso ngoLwesibili.
Umndeni uchaze uJackson njengeqhawe ebeliyinyoni kayiphumuli elalwela ubulungiswa, ukulingina namalungelo abantu. UJackson uchazwe njengomuntu owayekhulumela abavalwe umlomo.
Ushiye emhlabeni umkakhe, uJacqueline, izingane zakhe oSantita, Jesse Jr, Jonathan Yusef, Jacqueline nendodakazi, u-Ashley Jackson nezizukulwane.
UMengameli waseNingizimu Afrika, uMnuz Cyril Ramaphosa, ungomunye wabadlulise amazwi enduduzo, wathi amagalelo kaJackson ekulwiseni uhulumeni wobandlululo nasemzabalazweni wenkululeko yakuleli, akasoze alibaleka.