UMNUZ Sibusiso Mjwara wenhlangano iSesimiphi NPC enikeza othisha baseSithandimfundo Secondary imiklomelo ngokuphasa kahle. Kusuka kwesokunxele; nguMnuz Ndaba, Nkk Nene, Mjwara nomhloli omkhulu, uMnuz Sithembiso Lushozi
Image: Sithunyelwe
UBUHOLI bezikole ezingaphansi kwesekhethi yaseNtuzuma, bukhala ngenkinga yamanzi obuthi iphazamisa ukufunda nokufundisa ngoba iphoqa ukuthi izingane zisheshe zidedelwe.
Lokhu kuvele emcimbini wokuklomelisa othisha bezikole eziwu-11 ezikule sekhethe ezibe nabafundi abaphase kahle ku-matric ngonyaka odlule. Umcimbi ubuseJohn Langalibalele Dube High KwaMashu, ngoLwesihlanu.
Izikole ezikule sekhethe ngezaseLindelani, Machobeni, Nanda Newtown A naseNtuzuma.
Obambe njengemenenja yesekhethi, uMnuz Lungisa Khumalo, uthe kubajabulisa kakhulu ukuthi bakwazile ukunyusa izinga lokuphasa.
“Ngo-2024, sathola u-92%. Kulo nyaka besizibophezele ngokuthi sizothola u-95%. Ngenhlanhla-ke kaJehova nokusebenza kanzima sathola u-96.3%, okuyigxathu elihle kakhulu neliya phambili,” kusho uKhumalo.
Ubonge othishanhloko nothisha wathi abalali emakhaya besebenza nabafundi bakwa-Grade 12.
“Kunezikole ezithole o-100%. Isekhethi yethu inezikole zamabanga aphakeme ezingu-11. Zonke zithole ngaphezulu kuka-90% bese kuthi esisodwa sithole u-84.6% kodwa zonke ziphase kahle,” kusho uKhumalo.
Uthe inkinga enkulu abanayo ngeyokushoda kwamanzi, ephoqa ukuthi kudedelwe abanye abafundi kusale abakwa-Grade 12 kuphela nabo abaziphathela amanzi.
“Kunezikole nje engingazibalula njengeSithandimfundo neMachobeni Secondary - izikole ezingenawo nhlobo amanzi. Kube oGugulabasha noPhembisizwe izikole zaseNtuzuma, azinawo amanzi nje jikelele. Kunezinye eziseLindelani nazo bezisihlupha kakhulu ngendaba yamanzi. Angithi siyazi ukuthi ngendaba yenhlanzeko asikwazi ukuthi sigcine izingane ezikoleni, kuyaphoqa ukuthi ziphume emuva kokuthi sezidlile ngo-11.30, okuyinkinga enkulu,” kusho uKhumalo.
Uthe okwenza izikole ziphumelele yingoba uyazazi zonke izingqinamba zazo, wathi kulo nyaka izikole zizibophezele ukuthi zizothola u-100%..
UMnuz Sithembiso Lushozi ongumhloli omkhulu esiyingini iDurban North West, uthe ukuphasa kahle kwesekhethe yaseNtuzuma, kudlale indima enkulu yokuthi iKwaZulu-Natal iphase ngo-90.6% futhi ihambe phambili ezweni.
Ufakazele uKhumalo ngenkinga yamanzi ezikoleni.
“Kuyimanje ngikhuluma nawe kunezikole osekuphele amasonto amathathu zingenawo amanzi. Lokho kusho ukuthi izingane kumele zisheshe ziphume. Kusho ukuthi othisha abakwazi ukufundisa isikhathi esengeziwe.”
Umcimbi wemiklomelo ubuxhaswe yinhlangano engenzinzuzo iSesimiphi NPC ephethwe wuMnuz Sibusiso Mjwara, othe ukubone kukuhle ukuthi aklomelise izikole.
“Isikhathi esiningi la kwi-Ink (Inanda, Ntuzuma, KwaMashu), ibidume ngobugebengu ngakho uma sekwenzeka into enhle njengalena, kuyafuna ukuthi njengezinhlangano ezincane sisondele sizoxhasa izikole sigqugquzele izingane nothisha,” kusho uMjwara.
Uthe maphakathi nonyaka uhambela izikole anikele ngezicathulo nemifaniswano, wathi inhlangano yakhe isiza umphakathi kunoma yingani njengoba eNanda Stop 8, inekhishi eliphakela abampofu abangaphezu kuka-250 nsukuzonke.
Related Topics: