Izindaba

Kwengezwe umethuli omusha ohlelweni i-Expresso

Fanelesibonge Bengu|Published

UChanley Wong osejoyine uhlelo i-Expresso kuS3

Image: Sithunyelwe

KUFEZEKA iphupho kumethuli wezinhlelo uChanley Wong njengoba eqale ukubonakala namhlanje njengomethuli wohlelo i-Expresso Morning Show kwiS3 ake azama inhlanhla kuyo ngo-2018.

UChanley ujoyina uZanele Potelwa e-studio saseGoli azobambisana naye kulolu hlelo oludlala ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nesonto.

UChanley, oke wethula izinhlelo zentsha kwiCraze kwi-e.tv, uthe kuyamjabulisa ukujoyina i-Expresso.

“Ngemuva kweminyaka eyisikhombisa ngingekho, ukubuya kwithelevishini akukholakali kodwa kuzwakala kuyinto efanele. Ngalinda amahora angu-12 kwinhlolokhono yePresenter Search on 3 ngo-2018 ngifuna ukuba yingxenye yohlelo engakhula ngilubuka. Yize kungabanga yisikhathi sami lapho kodwa ngafunda ukuthi iphupho alivinjwa kunalokho lisuke libambezelekile kuze kube ulilungele,” kusho uChanley odabuka eBenoni, eGauteng.

Uthe ukuba sohlelweni manje kuwubufakazi bokuthi iphupho belisabambezelekile.

Umphathi wezinhlelo zeS3, uNischette Willemse, uthe uChanley wumethuli wezinhlelo osezingeni.

“Sesijahe kabi ukuthi ababukeli bethu babone injabulo nomfutho eza nawo kumathelevishini ethu,” kusho uNischette.