ABAMELE izinyunyana zabasebenzi bahulumeni ngaphansi komfelandawonye iFedusa, esithangamini sabezindaba izolo, ePitoli, ngokunyuswa kwemali yi-GEMS
Image: X
KUNUKA isiteleka sabasebenzi bahulumeni ngokunyuka kwemali ye-medical aid, yi-Government Employees Medical Scheme (GEMS), ngo-9.8% ekuqaleni konyaka.
Izinyunyana ezingaphansi komfelandawonye weCosatu neFedusa zixwayise ngenyakanyaka yombhikisho ngenxa yokuthi iGEMS, ayisenzi eyayisungulelwe khona.
Izolo, izinyunyana ezingaphansi kweFedusa okubalwa iSAPU, SAOU nezinye, zigxeke ukunyuswa kwemali yi-GEMS, zathi abasebenzi badonsa kanzima ngenxa yokunyuswa kwale mali.
Okhulumela iFedusa, uNksz Betty Moleya, uthe lesi sinyathelo siza ngesikhathi lapho abasebenzi bebhekene nobunzima ngasezimalini.
"Kunyuke yonke into kanjalo nezikweletu kanti ne-GEMS isiphinde inyusa imali ye-medical aid. Lokhu kunomthelela omubi kubasebenzi kuphinde kubeke engcupheni ukuhanjiswa kwezidingo kubantu," usho kanje.
UMnuz Paul Sauer we-SAOU, uthe sekuphele iminyaka i-GEMS ibaziba, wathi abanayo enye indlela abangayisebenzisa manje.
"Asinayo enye indlela ngaphandle kokuba sibhikishe ukuze i-GEMS izolungisa noma ihoxise lesi sinyathelo sokunyusa kangaka imali. Sifuna i-GEMS ixoxe nezinyunyana ukuze kuthi uma kunyuswa imali kungalimali abasebenzi."
Izinyunyana ezingaphansi kweCosatu; okuyiSadtu, Nehawu, Denosa, Popcru, Pawusa nezinye, zishaqekile ngokuthi i-GEMS iqhubeke yanyusa imali ye-medical aid ekubeni namaholo enyuke kancane.
Zithe lokhu kuwukuhlasela abasebenzi asebezohola imali encane.
"I-GEMS yasungulelwa ukuthi ihlinzeke ngosizo lwezempilo ngemali ezokwenza abasebenzi bangalimali. Siyamangala manje uma kungukuthi abalesi sikhwama sebebona intuba yokuzicebisa ngosizi labasebenzi," kusho lezi zinyunyana esitatimendini.
Zithe imizamo yokuxoxa nebhodi lalesi sikhwama ayithelanga zithelo.
"Ngenxa yokuthi yonke imizamo iphunzile, sikhuluma namalungu ethu ukuthi enze umnyakazo wokuchitha ukunyuswa kwemali. Sizoqala ngokuveza ilaka lethu emahhovisi ahlukene e-GEMS ezifundazweni ngoFebhuwari 24. NgoFebhuwari 26, 2026, sizobe sisekomkhulu lamahhovisi e-GEMS ePitoli."
Izinyunyana zithe zifuna kwenziwe uphenyo oluthinta ezezimali kwa-GEMS.
"Uma i-GEMS ihluleka ukuhlangabezana nezikhalazo zethu, sizoya enkundleni okubhungwa kuyona amaholo abasebenzi, siphakamise ukuthi amalungu azikhethele enye i-medical aid azoyisebenzisa, aqhubeke nokuxhaswa uhulumeni. I-GEMS yasungulelwa ukusiza abasebenzi ngakho ngaphandle kwabo ayilutho."
Izinyunyana ziqale ukushaya amakhala ngonyaka odlule ngesinqumo se-GEMS sokuthi izonyusa imali kulo nyaka.
Ngenyanga edlule, i-GEMS yatshela izinyunyana ukuthi ayikwazi ukumane yehlise imali ngaphandle kokugunyazwa yi-Council for Medical Schemes.
Related Topics: