Izindaba

Abashayeli be-Bolt basaphila ngaphansi kobubhoklolo babamatekisi

Thobeka Ngema|Published

Abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga elizihambile

Image: Sithunyelwe

BAKHALA ngokuhlukunyezwa abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambayo emuva kokushaywa komshayeli we-Bolt, ediliza umgibeli ngaphandle kwePhoenix Plaza, ngempelasonto.

Amaphoyisa aphenya icala lokushaya kanjalo nelokufunwa imali ngemuva kwalesi sehlakalo.

Okhulumela amaphoyisa, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaya nelokufunwa ngodli imali esehlakalweni esenzeke ePhoenix, ngoMgqibelo.

UMagwaza uthe umshayeli uphucwe imoto kodwa egcine ibuyisiwe emuva kokungenelela kwamaphoyisa.

USihlalo weKZN E-Hailing Council, uMnuz Sipho Mabika, uthe kuze owesilisa kumshayeli wale moto wathi akavumelekile ukudiliza umgibeli.

Uthe ungene emotweni wathi akayishaye izule baye ehhovisi labo.

"Bamshayile baya emahhovisi kasoseshini wamatekisi lapho bemfune khona u-R5 000 ukuze kudedelwe imoto yakhe. Sizoya emaphoyiseni ukuyobheka ukuthi kukhona yini oboshiwe ngalesi sehlakalo."

UMphathiswa wezokuThutha esifundazweni, uMnuz Sboniso Duma, usigxekile lesi sehlakalo wathi ayikho indawo engu-alubhadwa esifundazweni.

"Ngeke sikuvumele ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabashayeli esifundazweni ngoba ayikho indawo engu-alubhadwa." 

Khonamanjalo: Umkhandlu walezi zimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambayo ePitoli, unxuse ukuthi baphume ngobuningi babo abantu abazoya enkantolo njengoba kuzobe kuvela okokuqala owesifazane, ovela kwi-video eqoshwe ngeledlule kubanjwa inkunzi kuphinde kubulawa umshayeli we-Bolt waseNigeria.

Kule video kuvela lo mshayeli ebhozonyelwa ababegibele le moto, okuthiwa abesilisa ababili nalo wesifazane. Uklinywa aze ashonele khona emotweni.