Isililo kubulawa uZweli Mkhize wabahlali baseMjondolo
Image: Facebook
“Inyunyana yabasebenzi iGeneral Industries Workers Union of South Africa (GIWUSA) ishaqeki ngokubulawa ngesihluku kukaZweli Mkhize, owayedume ngelikaKhabazela, umgcinimafa wegatsha laBahlali baseMjondolo eNkanini, e-Ellandale, eGauteng ngobusuku bangoLwesine.
“Ngokwemibiko, uKhabazela ubevakashele kubo kamngani wakhe ngesikhathi ehlaselwa abasolwa abangaziwa ababili abafike ngemoto yohlobo lweRenault, abamdubule bambulala.
kashonanga eyedwa kodwa ukufa kwakhe kuwukulahlekelwa okubuhlungu kwabampofu nabaphucwa izwe lethu.
Inhlangano yaBahlali baseMjondolo lithi uKhabazela ubengumholi oqotho nothembekile ozinikele kakhulu ezinqubweni yentando yeningi kanye nemigomo yombutho.
"Wayengafihli lutho futhi enothando yomphakathi wangakubo enhliziyweni yakhe," kusho le nhlangano.