Izindaba

Umunyu kudutshulwa ngentululwane yezinhlamvu uMshumayeli

Nkosikhona Cele|Published

UMUFI obenguMshumayeli webandla lamaWeseli, uNkk Lindiwe Dlamini, okuthiwa udutshuliwe

Image: SITHUNYELWE

LUYINDABA egudwini kumalungu omphakathi waseHammarsdale, udaba lokudutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu eziwu-15 kukaMshumayeli webandla lamaWeseli elikhona kule ndawo.

Kuvela ukuthi uNkk Lindiwe Dlamini (65) udutshulwe esemotweni nabanye besifazane abathathu. Abesifazane abekanye nabo emotweni kuvela ukuthi namanje bathuka izanya, ababuthi quthu nobuthongo.

Isolezwe lithole ukuthi kuqhamuke owesilisa wajema imoto, wangabuza lutho  - wabeqa bonke abanye besifazane ebebengaphakathi emotweni - wadubula ephindelela ebhekise ngqo kuNkk Dlamini.

Kuvela ukuthi lesi sigameko senzeke ngezithuba zasemini ngeSonto, yize ebedubuleke kabi kakhulu kodwa akazange aphelele endaweni yesigameko. Uphuthunyiswe esibhedlela esawadla anhlamvana, kuze kwamenela ngoLwesithathu.

Kuhlaluka ukuthi umufi udubuleke kabi esiswini okuyilapho okungene khona inqwaba yezinhlamvu kanti kuvela ukuthi ubekade enguMshumayeli kwiSekhethe iSouthdale engaphansi kwesiFunda, iNatal West Synod.

Owomndeni okhulume neSolezwe, uMnuz Khulekani Mdadane, ukuqinisekisile ukubulawa kukaNkk Dlamini. UMdadane uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kwakhe.

Utshele Isolezwe ukuthi inkukhu iyawusola umgqakazo njengoba umufi ngonyaka owedlule eke wathunjwa ngabesilisa abamphoqa ukuba afake imali kuma-akhawunti abo.

Uthe kwaze kwasiza ukuthi basukume belekelelwa amaphoyisa ukuze atholakale esaphila uMshumayeli. Uthe ngemuva kwalokho, amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla enza uphenyo elekelelwa ngumufi ngoba wayebazi abantu ababemthumbile.

Nebala uthe abayisithupha bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela, kuyimanje basabhadlile ejele. Inkantolo yaseHammarsdale yabenqabela nebheyili ngesikhathi befake izicelo.

Uthe kodwa bathola ukuthi kukhona abanye ababandakanyekayo ekuthunjweni kukamufi abangaphandle abangakabanjwa kuze kube yimanje.

Ukubulawa kukamufi, uthe njengomndeni basola ukuthi kuyamelene nalokho.

"Sicabanga ukuthi laba ababulele umufi yingoba bebezama ukuthi bacime ubufakazi mayelana naleli cala. Bebefuna ukuqinisekisa ukuthi akabe esabakhomba futhi nabangaphakathi baphunyuke ngoba uzobe esengasekho yena," usho kanjena..

Uthe akukho okunye abakusolayo ngaphandle kwalokho. Ubabaze isihluku nonya, ebuza ukuthi abantu abanjani laba abanesibindi sokuvulela ngenganono bebhebhekise kumuntu wesifazane?

"Kungethusile ukuthi lapha ezweni lethu kunabantu abanesihluku sokuthi bangabulala umuntu wesifazane kabuhlungu kangaka. Namanje sisathukile, siyazibuza siyaziphendula ukuthi ngabantu abanjani laba? Ubulwane obukuliphi izinga obunjena ngampela? Konakele kakhulu, kuyacaca nje ukuthi laba abantu abangesenabo nje nhlobo onembeza," usho kanjena.

Mayelana nesigameko sokuthunjwa kukamufi, uthe kwafika abesilisa kubo kukamufi kade elungiselela ukuya enkonzweni, bamfaka emotweni base bashaya bachitha naye.

Kuthiwa umufi kade ethunjiwe wakhishiswa ebhange imali ephakathi kuka-R50 000 no-R100 000. UNkk Dlamini wayekade enguthishanhloko kwesinye sezikole eHammarsdale, kanti kuthiwa ubesanda kuthatha umhlalaphansi.

Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphawuli.