isidumbu
Image: Motshwari Mofokeng / Independent Newspapers
KUSOLWA iziqashi ngokunqunywa uqhoqhoqho kukamastende wesifazane waseShayamoya, eBergville, esigamekweni esishiye amalungu omphakathi ethuthumela.
Kuvela ukuthi lo wesifazane kutholakale isidumbu sakhe sesinqunywe uqhoqhoqho esigamekweni esenzeke ngoMsombuluko ngezithuba zasemini.
Umufi, uNkk Ntshengisani Dlamini, kuvela ukuthi bese kuphele isikhathi eside engumastende kule ndawo eqashisa abantu abehlukene okufaka phakathi othisha nabafundi.
Ikhansela lakule ndawo kuward 8, uMnuz Mndeni Mavundla, lithe liyile emndenini ukuyobhonga emswaneni. Uthe kuyakhathaza ukuthi kunabantu abanesihluku esinjengalesi kule ndawo.
Uthe ukuze babanjwe kusize ikhamera yakwamakhelwane ekwazile ukubaveza kanti abantu bendawo bayabazi.
''Kubuhlungu ukuthi umuntu wesifazane angabulawa ngesihluku esinjena engenacala. Lokhu kukuveza ngokusobala ukuthi abantu besifazane abaphephile kangakanani,'' usho kanjena.
Uthi abesilisa bafike bacela ukungena ngaphakathi wabavumela umufi ngoba kungabantu abaziyo futhi abake baqasha kuyena ngaphambilini. Uthe umufi ubengazi ukuthi laba bazomenza isilo sengubo. "Ubavumelile bangena engazi ukuthi kanti bazomenzakalisa,''echaza.
Kusolwa ukuthi iziqashi zakhe nazo ziphakathi kuleli tulo kwazise ngaphambi kokuba asocongwe umufi kuqale kwasuswa amakhamera.
Umthombo uthi lokhu kubanikeza isithombe esicacile nje bha sokuthi umuntu owenze lokhu ubenolwazi olujulile ngakho konke okuqhubekayo kule ndawo.
''Sisola zona kanye iziqashi zakhe ngendlela okwenzeke ngayo. Kuyabonakala ukuthi laba bantu abebehlela yonke lento ngabantu abayiziqashi zakhe futhi abazi konke ngalezi zindlu,'' kuchaza umthombo.
Umthombo uthi amakhamera akwamakhelwane ayabaveza ngokucacile abasolwa ababili bengena ngaphakathi egcekeni aphinde abaveze noma sebephuma becela empunzini.
Uqhuba uthi kakucaci ukuthi laba kungani bebulele umastende ngoba ayikho ingxabano ebike yabikwa phakathi kwabo naye ngaphambilini.
Laba ababili kuthiwa bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela sebebaleke baze bafika eFree State. ''Kube ngcono basheshe bababamba. Lokhu kuzodala ukuthi kubelula ukuthola kubona ukuthi kungani benze into enesihluku esinjena,''usho kanjena.
UMnuz Alfred Dlamini uthe bafe olwembiza ngokubulawa kwelungu lomndeni wabo. Uthe kuhlasele abafana bambulala.
''Sisadidekile sonke asazi ukuthi kungani bembulele ngale ndlela ebuhlungu kangaka,'' usho kanjena.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engaphendulile.