Kufe oyedwa kushayisana izimoto kuN3
Image: IPSS medical rescue
Ngemuva nje kwamabili i-IPSS Medical Rescue ithole imibiko ngengozi yemoto ku-N2 ngaseShakas Head.
Ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo kutholakale ukuthi izimoto ezimbili ebezihamba ohlangothini olulodwa zishayisane, zakhiphana emgwaqweni. Ngokudabukisayo, umshayeli wemoto eyodwa kutholakale ukuthi ulimele kabi kanti kuthiwa ushonele endaweni yesigameko.
Umshayeli wemoto yesibili utholwe elimele kabi, abosizo lokuqala be-IPSS Medical Rescue Advanced Life Support bazamile ukuhlenga impilo yakhe ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole ukunakekelwa okwengeziwe.