Ukukhubazeka
Image: Sigciniwe
UNOVALO lokuthi mhlawumbe isiyoba nenkinga unomphelo ingane yakhe, owesifazane waseFolweni, kulandela ukuphulwa enye esikoleni.
Umgilwa, uMelokuhle Phethiso (5) ofunda uGrade 1 esikoleni iMasuku Primary, eFolweni, ulinyazwe omunye umfundi ocishe alingane naye ngoLwesibili.
Ngokusho kukanina, uNksz Asiphe Phethiso, bezwe ngesigameko sekuphume isikole, ngesikhathi uyise eyolanda umgilwa nomfowabo (7) njengenjwayelo.
Uthe umfice ethwishike phansi, engakwazi ukuhamba noma ukuma.
“Othisha bathe akamphuthumise emtholampilo ngoba ulinyazwe enye ingane,” kusho uNksz Phethiso.
Uqhube wathi uyise kamgilwa uphuthume ekhaya eyolanda ikhadi lasemtholampilo likamgilwa kanjalo nonina.
Uthe babuyele esikoleni, bathola othisha sebemphuthumise bona emtholampilo umgilwa.
“Sithe uma sifika, base besishiya, sekukhona nonina womsolwa,” kusho uNksz Phethiso, othe abahlengikazi bamnike incwadi yokuthi amyise esibhedlela umgilwa.
Bathe isibhedlela, iPrince Mshiyeni Memorial, senze ama-scan aveze ukuthi umgilwa uphukile.
“Kuvele ukuthi ithambo leqakala lapho okuhlangana khona umlenze nonyawo lisontekile,” usho kanje.
Uthe umgilwa bagcine bemfaka ukhonkolo esibhedlela, ngethemba lokuthi inkinga izolungiseka.
“Nginovalo lokuthi ingane yami ingase ibe nenkinga unomphelo uma kuthiwa ithambo lihlehlile kwelinye,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi ebuza ukuthi kwenzekeni, othisha ababanga nazo izimpendulo ezigcwele njengoba isigameko senzeke sekuphuma isikole.
“Engikuzwe ngomfowabo wukuthi bebedlala bobabili ngesikhathi sekhefu lokudla, umsolwa efuna ukudlala nabo ngenkani, umgilwa engavumi. Kuthiwa ube esemsabisa ngokuthi uzombamba uma sekuphuma isikole,” kusho uNksz Phethiso.
Uqhube wathi, kuthe sekuphuma isikole, umsolwa wamkhahlela kabi onyaweni umgilwa, wayowela emgodini.
“Usukume lapho kungasahambeki, futhi kungasameki, nokuyilapho kubonakale khona ukuthi ulimele,” kusho uNksz Phethiso.
Uzwakalise ukungenami ngendlela unina womsolwa aziphathe ngayo, wathi ngesikhathi abomtholampilo sebebayalela ukuthi mabaye esibhedlela, uvele wavalelisa esefika ngaphandle kwesango.
Uthe ufuna azikhokhe izindleko zokuya kwabo esibhedlela.
Emva kokuthintwa yiSolezwe, uSihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Mkhize uthe akanalo ulwazi ngodaba, wacela ukunikwa isikhathi ukuze athinte uthishanhloko wesikole. Isolezwe kuthe selibuyela kuye, wathi uthishanhloko uthi asikho isigameko esinjalo esenzekile.
Related Topics: