Izindaba

Libalahlile abasoconga uthishanhloko

Nkosikhona Cele|Published

UMUFI owayenguthishanhloko waseSikhethuxolo High, uMnuz Busani Khomo owabulawa ngokudutshulwa

Image: SITHUNYELWE

INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu izolo ibalahle ngecala abesilisa ababili abebethweswe wuMbuso icala lokusoconga uthishanhloko wasesikoleni saseHammarsdale, iSikhethuxolo High.

Umufi uMnuz Busani Khomo (57) kuvela ukuthi wadutshulwa wafa engaphandle kwesikole ngoDisemba 5, 2024.

Kuthiwa baqala bakhuluma naye kwathi emva kwalokho bavulela ngenhlamvu baze bamqedela ngisho eselele phansi.

Phambilini kwavela ukuthi umufi wayezifela nge-ANC futhi eyilungu lokuqina lenyunyana yothisha, iSadtu.

Abalahlwe yicala nguSibonelo Sibiya odume ngelikaBhongo kanye nomngani wakhe uMabhiza Dube. Laba ababili bebebekwe icala lokubulala ngenhloso. Enkantolo kwavela ukuthi abasolwa bake bafundiswa wumufi.

Inkantolo isebenzise kakhulu ubufakazi obethulwa ngumfanyana omncane owakhipha ingonyuluka egeqa amagula elandisa inkantolo ukusuka nokuhlala ethi wababona bemdubula uthishanhloko etshela nenkantolo ukuthi futhi wabezwa bekhuluma.

Enkantolo kuvelile ukuthi benza lo msebenzi besakhokhelwe ingxenye yenkokhelo engu-R50 000. Kuvelile ukuthi ikhona enye imali ababesazoyithola ngomsebenzi wabo.

Umfowabo kamufi omdala, uMnuz Mvunge Khomo, uthe bewumndeni bafa olwembiza ngokubulawa kukathishanhloko.

Uthe yize amanxeba engakapholi kodwa bajabule kakhulu ngokuthi ekugcineni iqiniso livelile. ''Sijabule ukuthi inkantolo ikwazile ukubathola benecala. Lokhu kuyasijabulisa kakhulu ukuthi ekugcineni iqiniso liphumile ngababulala umfowethu," usho kanjena.

Uthe kodwa namanje akukaveli ukuthi wobani ababathuma. Uthe bakhathazekile kakhulu ngokuthi ubhongoza akakatholakali.

''Kumele sithole ukuthi ngubani owabathuma. Uma kungenzeka lokho konke ngabe kugcwalisekile,'' usho kanjena.

Phambilini ekhuluma neSolezwe uKhomo wababaza ukulunga kukamufi wamchaza njengenjini yomndeni wakwaKhomo.

"Wayelungile loya muntu futhi esiza bonke abantu. Angazi ngempela ukuthi umuntu onjengaloya ubulawa kanjani,'' washo kanjena.

Wamncoma ngendlela eyeyazisa ngayo imfundo wathi wayekhipha amangwevu njalo efuna ukuqinisekisa ukuthi bashaya into ecokeme abafundi bakaGrade 12 bakulesi sikole.

"Kwesinye isikhathi wayeze akhiphe imali kwelakhe iphakethe efuna ukulekelela abafundi."

Waveza nokuthi baya endaweni yesigameko bathola ukuthi umfowabo wayedutshulwe kakhulu ekhanda. "Kusobala ukuthi bebefuna ukuqeda ngempela ngaye,'' washo kanjena.

Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Luthando Jali, nalo lakhuluma neSolezwe mayelana nalolu daba laveza ukuthi ukudutshulwa kukaKhomo kwabashiya bethuthumela futhi bedidekile bewumphakathi.

Esanda kushona ezinkundleni zokuxhumana abafundi abaningi abake bafunda kulesi sikole bebebabaza ukulunga kwakhe bencoma nendima ayiklamile ekuthuthukiseni ezemfundo.

Babelimisa ngesihloko elokuthi ufe olwembiza umphakathi waseHammarsdale ngokubulawa kukaKhomo.

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal wakhipha isitatimende uqinisekisa ukubulawa kukaKhomo. Namhlanje kulindeleke ukuthi inkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ibagwebe ababili.