Izindaba

Injabulo lilahlwa yicala iphoyisa elabulala umuntu emgwaqweni

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uMnuz Sanele Thembani

Image: SIGCINIWE

UPHUME eNkantolo yesiFunda eThekwini ngoLwesibili, izihlathi zivakashela izindlebe umndeni wowesilisa owabulawa yiphoyisa likaMasipala weTheku, imantshi ililahla ngecala.

Kuleso sigameko, okuthiwa senzeka ngo-Agasti 2023, olahlwe yicala, uMandlenkosi Gumbi wadubula wabulala uMnuz Sanele Thembani (24) waseWaterloo, eVerulam.

Kuthiwa ngosuku lwesigameko umufi nabanye babehamba ngemoto emgwaqweni u-M4, ngesikhathi edutshulwa wuGumbi ngasePick n Pay Hyper, eDurban North.

Kuthiwa babesuka eThekwini beya eWaterloo ngeMazda eyi-double cab.

Kwavela ukuthi kwakunengozi yezimoto kulo mgwaqo, kwathi uma besondela baqaphela ukuthi izimoto ezazingaphambi kwabo, amaphoyisa ayezijikisa. Kukhona nemibiko ethi amaphoyisa ayenesivimbamgwaqo.

Nabo kuthiwa bavele bazijikela kwase kuthi ngokuphazima kweso babona uSanele esewa, kwathi uma bembheka, babona ukuthi udubuleke esiphongweni njengoba wayehleli nabanye esikhenkeni semoto.

IPHOYISA likaMasipala weTheku, uMandlenkosi Gumbi lilahlwe yicala

Image: ZIMBILI VILAKAZI

Emva kophenyo lwamaphoyisa, kwagcina kuboshwa uGumbi, owabuye wadedelwa ngebheyili, icala laqulwa engaphandle.

NgoLwesibili, ungene esitokisini kulandela ukuthi imantshi imlahle ngecala, maqede yalihlehlisela u-Ephreli 18 icala, yathi iyobe isimnikeza isigwebo esimfanele.

Uyise kamufi, uMnuz Mzomuhle Thembani utshele Isolezwe ukuthi sibajabulisile isinqumo semantshi.

“Ayikho into engijabulisa njengokuthi ligcine limlahlile uMandlenkosi Gumbi icala lokubulala ingane yami. Ukube kwakuya ngami, ngabe kade lamlahla,” kusho uThembani.

Uthe abemdina amaqhinga abeqhamuka nawo uGumbi ngesikhathi kuqulwa icala, wathi nokho kumjabulisile ukuthi awasebenzanga.

“Wake waqamba amanga, wathi imoto yayifuna ukumshayisa kodwa inkantolo yaveza ukuthi  ayekusho kwakungesilo iqiniso,” kusho uThembani.

Waphinde wathi kukhona lapho uGumbi abuye wathi yena wayezidlulela ngasendaweni yesigameko, wayengesiyo ingxenye yamaphoyisa ayejikisa izimoto, nalokho, kuthiwa inkantolo yavele yakuchitha. 

“Ngijatshuliswa wukuthi izolo (esho ngoLwesibili), akabange esagoduka. Wangizwisa ubuhlungu engibulalela ingane yami isencane, kusekuningi engangisakubhekile kuyona. Ayemaningi kabi amaphupho ayesafuna ukuwafeza uSanele. Yena wakhetha ukumbulala,” usho kanje.

Uthe uma esegwetshwa, akubhekile wukuthi imantshi imgixabeze ngodilikajele, nathe yiwo kuphela abona umfanele.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku uColonel Boysie Zungu uthe uGumbi wabekwa icala emaphoyiseni.

"Watholwa enecala wase eyehliswa esikhundleni ngenxa yesigameko sokudubula," kusho uZungu. Uthe umholo wakhe usunqanyuliwe.