Izindaba

Impukane isibuyele kwandawo kwabangu-18 000 abebekhululwe ngoshwele

Mhlengi Shangase|Published

Umfuziselo kaMandela, osesikhungweni iNelson Mandela Rules Training Academy, ejele i-Drakenstein eKapa. UMengameli Cyril Ramaphosa uvule lesi sikhungo esiqanjwe ngalo mholi owayegqunywe kuleli jele ngaphambi kokudedelwa

Image: Independent Newspapers

Kwaqopheka umlando ngoFebhuwari 10, 1990 ngesikhathi kudedelwa ejele umengameli wokuqala wentando yabantu kuleli, uMnuz Nelson Mandela, owayehamba nowayengunkosikazi wakhe, uNkk Winnie Madikizela Mandela

Image: SIGCINIWE

UKHATHAZEKILE uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuthi iziboshwa ezevile ku-18 000, ezadedelwa ngoshwele eminyakeni emithathu edlule, ziphinde zabuyela ekhulukuthu.

Uthe ezinye zalezi ziboshwa zazenze amacala abucayi athinta nokubulala.

"Kuyakhathaza ukuthi iziboshwa ezingaka ezadedelwa ngoshwele ziphinde zaboshwa futhi ngokwenza amanye amacala. Abadedelwa ngoshwele babhekana nezinselelo eziningi emuva kokuphuma ejele, babekwa izici emphakathini. Abanye abakwazi ukuthola umsebenzi, abanye basuke bengalashiwe izifo ezithinta ingqondo nezidakamizwa, kuba nzima nokwakha ubudlelwano nemindeni yabo, okwenza bagcine sebebuyele ejele," usho kanje.

Uthe babuyela emajele ngoba iyona ndawo abayijwayele.

"Abanye baqhubeka nokuba amalungu amagenge noma sebengaphandle. Asikwazi ukukhuluma ngenkinga yokulwa nobugebengu kuleli, singayithinti indaba yokuhlunyeleliswa kwezimilo kwabagqunywe emajele." 

Uthe abantu bakhathele wubugebengu, iningi lithi ababoshiwe abagqunywe unomphela emajele, kulahlwe okhiye.

"Bathwala kanzima abasebenza emajele. Basebenza engozini yamagenge angabalimaza noma yinini kodwa bayaqhubeka nokwenza umsebenzi oncomekayo behlumelelisa izimilo. Kunanenkinga enkulu yokugcwala kwamajele kuleli," usho kanje izolo evula ngokusemthethweni isikhungo i-Nelson Mandela Rules Training Academy, ejele iDrakenstein, eKapa.

Leli jele elalaziwa nge-Victor Verster, linomlando ojulile kuleli njengoba  kwakugqunywe khona umengameli wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela, ngaphambi kokuba adedelwe, 

UMandela wadedelwa kuleli jele ngoFebhuwari 10, 1990. 

"Lesi sikhungo esokuqala kuleli nase-Afrika yonkana kanti sifundisa ngamakhono ahlukene futhi sigqugquzela ukugcinwa kwamalungelo abantu. Ifenisha ekulesi sikhungo, imidwebo nezinye izinto kwenziwe yiziboshwa," kusho uRamaphosa.

UNgqongqoshe wokuHlunyeleliswa kweziMilo, uDkt Pieter Groenewald, ukhale esifanayo noRamaphosa ngeziboshwa ezidedelwa bese ziphinde zibuyela emajele sezenze amacala.

"Iyasikhathaza kakhulu eyalezi ziboshwa, esizihlumelelisa izimilo bese zibuyela ebugebengwini. kuyasikhathaza futhi nokulinyazwa kwabasebenzi, belinyazwa amagenge emajele." 

Uthe baqeqesha iziboshwa ngamakhono ahlukene ukuze zikwazi ukwenza umehluko uma sezidedelwe.

Uveze ukuthi kulesi sikhungo kufundiswa nangokuxazulula izinkinga nezindlela ezehlukene zokuhlumelelisa izimilo.

URamaphosa uthe kubuyisa ithemba ukuthi kunezinhlelo zokuthi iziboshwa zizithungele umfaniswano wazo, zizakhele ifenisha, zikhiqize ukudla ngoba isimo somnotho asisihle ezweni.

Uthe bazoqhubeka nokusebenzisana ne-United Nations Office on Drugs and Crime (UNODC).